KUMSHAYISA ngovalo ukutonyulwa naMaZulu FC emdlalweni weLast 16 yeCarling Black Label Knockout umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki.
UNtseki ukusho lokhu izolo emini eHyde Park, eGoli, emcimbini wokwethulwa ngokusemthethweni nokuqhathwa kwamaqembu kulo mqhudelwano ozodlalwa yiwona wonke amaqembu eDStv Premiership.
IPremier Soccer League (PSL) yethule lo mqhudelwano onemiklomelo econsisa amathe kubadlali nakubalandeli abazovulelwa ithuba lokuxhumana nawo ngesikhathi uqhubeka baphinde baziwinele izindodla zemali.
“Ngeke lungabibikho uvalo uma uqhathwa neqembu osanda kulishaya ngenqwaba yamagoli (ngo 3-0) koweligi ngoba akubuzwa ukuthi lisuke lizobuya selinomfutho ongaphezulu wokubuyisa izinduku,” kusho uNtseki ngokuqhathwa noSuthu.
“Ngesikhathi sinqoba kubona ngo-Agasti, badlale kahle kodwa saba nenhlanhla yokushaya amagoli abedingeka.
“Akungatshazwa ukuthi Usuthu ngelinye lamaqembu aqeqeshwa ngendlela kwiPremiership futhi kusukela sibashayile sebelikhuphule kakhulu izinga,” kusho uNtseki.
Ephendula kulokhu uPablo Franco Martin, opheka AmaZulu, uthe: “Okuhle ngemidlalo yezinkomishi ukuthi siqala sonke silingana kodwa bengingakujabulela ukuwudlalela ekhaya lo mdlalo.
“IChiefs esidlale nayo ngokudlule isikhulile okusidweba sicace isithombe sobunzima esizobhekana nabo kulo mdlalo.
“Ngalokhu angisho ukuthi amathuba ethu awekho kepha ngiqhakambisa ukuthi (la mathuba esizowathola) azobe esemancane futhi esenzima kunalawa esiwathole sibhekene koweligi muva nje.”
I-PSL ithe izozimemezela maduze izinsuku nezinkundla okuzodlalelwa kuzona eye-Last 16 nesamba esizogoduka neqembu elizoba ngompetha bokuqala balo mqhudelwano.
Ikhona neminye imiklomelo yabadlali nabalandeli econsisa amathe emenyezelwe ngu-Arne Rust, oyisikhulu esiphezulu sakwaBlack Label.
Umdlali oqavile emdlalweni uzogoduka nesheke lika-R100 000. Lo mdlali uzovotelwa ngabalandeli.
Abalandeli bazovulelwa nethuba lokuthola okuthile entshontshweni lika-R900 000 elibekelwe ukuklomelisa abalandeli abazoqagelela ngakhona ukuthi obani abazowashaya kuqala amagoli ngaziphi izikhathi.
Bona futhi abalandeli bazovotela iqembu eliyikhethelo elizobhekana nompetha neCarling Black Label Knockout (kwiCarling Black Label Cup), ngoJanuwari 6 ePeter Mokaba Stadium.
Aqhathwe kanje amaqembu: Sekhukhune United v Royal AM; Orlando Pirates v Cape Town SpursSuperSport United v Polokwane City;TS Galaxy v Mamelodi Sundowns; Chippa United v Stellenbosch FC; Richards Bay FC v Moroka Swallows; Kaizer Chiefs v AmaZulu FC; Lamontville Golden Arrows v Cape Town City.