AKASIBONI isidingo sokutatazela uBrandon Truter, ongumqeqeshi waMaZulu njengoba ebona besenalo ithuba lokuphendula amatafula ukuze bafeze izifiso zabaphathi zakule sizini.
Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, akakaze akufihle ukuthi kule sizini ufuna iqembu linqobe indebe eyodwa bese libalwa namane azoqeda phezulu kwi-log yeDStv Premiership.
Abalandeli boSuthu bayivale kabuhlungu impelasonto, iqembu labo lishaywa iMamelodi Sundowns ngo-1-0 kobuseLoftus Versfeld Stadium.
Okushiye izinhliziyo zabo ziqaqamba ukuthi bese bezitshela ukuthi bazobuya okungenani nephuzu elilodwa ePitoli. Lo mphumela ushiye Usuthu endaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu awu-11. Lugcine ukunqoba lushaya iSwallows ngo-3-2. Emidlalweni emine edlule, luhlulekile wukuqoqa amaphuzu agcwele, njengoba luhlulwe iLamontville Golden Arrows, Chippa United neSundowns ngempelasonto. Ludlale ngokulingana neKaizer Chiefs.
UMarcelo Allende obesuka ebhentshini lamaBrazilians, uyena oshaye igoli lokuwina ngempelasonto, esuka ebhentshini.
Ngemuva komdlalo uTruter obezwakala ekhululekile, uthe: "ISundowns elingelinye lamaqembu ahamba phambili kuleli. Empeleni sidlalise okwamaqhawe. Angisiboni isidingo sokutatazela. Kusasele imidlalo eminingi kabi. Engikushoyo ukuthi ukube asiwalahlanga amathuba ngabe lo mdlalo siwunqobile. Akusasizi ukukhalela ubusi oseluchithekile, kumele sibheke phambili.“
Uqhube wathi benzelwe phansi wukunganaki umdlalo usuya ngasemaphethelweni.
“Kulo mdlalo bekunganqoba noma ubani. Sidlale ibhola elihle kakhulu. Ngicabanga ukuthi okusishayile namhlanje (ngeSonto) ukulahla umgqigqo emizuzwini yokugcina. Esiwombeni sokuqala sidlale kahle kakhulu, uma ngingaphosisi sithole amathuba amathathu amahle engicabanga ukuthi ukube siwasebenzisile ngabe kukhulunywa okunye. Okunye ukuthi bekumele sithole iphenathi. Ngebhadi unompempe akasinikanga yona. Bekuwumdlalo omuhle. Sibe nebhadi sashaywa ekugcineni.”
Lo mqeqeshi uveze nokuthi nakuba umsebenzi omningi ubekwa kubo kodwa kwesinye isikhathi kuya ngokucabanga komdlali uma esenkundleni. Akukho bona njengabaqeqeshi abangakwenza.
UTruter ubuye wakhala ngokulinyalelwa yiqwaba yabadlali.
"Empeleni bayisishiyagalombili abadlali bami abalimele. Phakathi kwabo uMajoro (Lehlohonolo), Siphesihle Maduna, Augustin Kwem, Larry Balwa nabanye abaningi.
Okungijabulisayo ukuthi siya ekhefini leFifa. Ngithandazela ukuthi lizophela bonke abadlali bami sebeluleme.
Kolandelayo uSuthu luzobhekana neKaizer Chiefs ngo-Okthoba 2 kumlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu weMTN 8 eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.