OWAYENGUKAPUTENI weKaizer Chiefs, uNeil "Mokoko" Tovey, uvule izandla ngokubuyela eNaturena, ayosiza ekutakuleni iqembu.
Izinto zimapeketwane kwiChiefs ngemva kokuthi umqeqeshi uMolefi Ntseki, ethelwe ngesibhaxu okwesithathu ngabalandeli beqembu.
Lokhu kwenzeke ngempelasonto ngemva kokuthi iziMpofana zihlulwe ngaMaZulu FC ngo 1-0, emqhudelwaneni iCarling Black Label Knockout.
Ukwehlulwa kwaMakhosi kuqinisekise ukuthi asalelwe yiNedbank Cup kuphela ezindebeni asenethuba lokuziwina ngoba aphunyukwe yiMTN8.
KwiDStv Premiership akuhambi kahle nakhona ngoba ibambe indawo yesishiyagalombili njengoba isaqoqe amaphuzu awu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Isele ngemuva ngamaphuzu awu-13 kwiMamelodi Sundowns, ehleli esicongweni se-log.
UTovey, owadlalela Amakhosi phakathi kuka-1990 no-1999 ngaphambi kokudlulela ekuqeqeqesheni, akafihlanga ukuthi kumzwisa ubuhlungu okwenzeka eNaturena.
Emaqenjini aqeqeshwe nguTovey kukhona iMamelodi Sundowns, AmaZulu neThanda Royal Zulu. Ugcine ukusebenza ebholeni eminyakeni emithathu edlule eyiTechnical Director kwiSouth African Football Association (Safa).
"Ngingathanda ukuyosiza iKaizer Chiefs ngezinto ezithinta indlela yokudlala, amaqhinga nokunye. Noma ngingabamba kuphi ngingavuma. Ngiyafisa ukubuyela ngiyolekelela kulesi simo esikhona. IChiefs isidinga abantu abazimisele ukwenza noma yini nabazodlala sengathi wusuku lwabo lokugcina enkundleni. Yilokho okudingekayo. Ibuhlungu kimina into eyenzeka kwiChiefs njengomuntu owayidlalela futhi owaziyo ukuthi iyini. Ukuthi isiqede iminyaka eyisishiyagalolunye ingawini neyodwa indebe akwehli kahle," kusho uTovey.
Abaphathi beChiefs banengcindezi yokuthatha isinqumo ngoNtseki ngaphambi komdlalo wayo weDStv Premiership neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo, eThekwini. Lokhu kungenxa yesenzo sabalandeli sango-2019, sokushaya umqeqeshi uSteve Komphela ngoba bedinwa wukwehlulw okwagcina kuceleke phansi iMoses Mabhida Stadium.
Ngemuva kokuhlaselwa ngempelasonto, uNtseki ubuziwe ukuthi ucabangani ngekusasa lakhe.
“Angicabangi ukuthi lowo mbuzo ungaphenduleka manje ngoba ngiqashwe yiqembu. Siyakhuluma ngezithinta amaqhinga (okuqeqesha). Sibheka izimo ezifana nalezi futhi siba nemihlangano yokubonisana ngokumele kwenzeke kubhekwe phambili. Kodwa ukuthi ungabuza ukuthi ngilibona kanjani ikusasa lami kwiKaizer Chiefs, angicabangi ukuthi lena yindawo efanele yokunaka lowo mbuzo,” kuphendula uNtseki.
UTovey, ophethe irekhodi lokudlala imidlalo eminingi kwiNational Soccer League (634), uthe uyaluqonda ulaka lwabalandeli.
"Akukuhle ukwehlulwa kweqembu ngale ndlela. Abantu bafuna imiphumela emihle ngaso sonke isikhathi. IChiefs ayiyona indawo yokwakha kodwa kudingeka imiphumela. Uma iChiefs idinga ukuwina kumele yenze kangcono emuva naphambili, ithole abadlali abazovula udonga lwasemuva lwamaqembu futhi ingangenelwa ngamagoli kalula," kuchaza uTovey.