UKAPUTENI wakudala weKaizer Chiefs, uNeil Tovey, uyakholelwa esitayeleni esidlaliswa ibamba mqeqeshi kuleli qembu, uCavin Johnson kodwa ubona okusemqoka kuwukuthi abaphathi basheshe bacacise ukuthi bayamqasha ngokugcwele noma bazoqhubeka nokubheka omunye ozothatha izintambo.
UTovey ungomunye wokaputeni beChiefs abebeziqukula ubuthaphuthaphu izinkomishi eminyakeni edlule njengoba manje isingene kweyisishiyagalombili, yagcina ukunqoba isicoco.
Kule minyaka baningi abaqeqeshi asebehlulekile wukuphendula izinto. U-Ernst Middendorp kwale kancane anqobe iligi ngesizini ka-2019/2020, ngesikhathi beyilahla ekugcineni.
Abanye abagcine ngokukhonjwa indlela bephikwa yimiphumela; uSteve “Mphathi” Komphela, Givanni Solinas, Gavin Hunt, Stuart Baxter, Arthur “10111” Zwane noMolefi Ntseki oxoshwe ngo-Okthoba.
UTovey ekhuluma neSolezwe izolo ngesimo saMakhosi, ukucacisile ukuthi akakwazi konke okwenzeka kuwona kodwa ubeka umbono wakhe ngenxa yomlando anawo naleli qembu.
Le nkakha eyayiyibamba emuva eke yaqeqesha iMamelodi Sundowns, yabuye yaba usomaqhinga weSouth African Football Association (Safa), izwakale yenelisekile ngokubanjiswa kukaJohnson, emathatha njengomqeqeshi enekhono lokuxhumana nabadlali.
“Kunzima ukuphawula kangako ngabadlali abakhona kwiChiefs kodwa uJohnson ngiyamazi ukuthi uwulolu hlobo lwabaqeqeshi oluthandwa ngabadlali ngoba ukhululekile,” kusho uTovey.
“IChiefs idinga umqeqeshi olazi ukusuka nokuhlala isikompilo layo. Ngeke ngimkhulumele uJohnson ngoba futhi angazi noma uzoqhubeka yini uma kuphela isikhathi abavumelane ngaso kodwa isitayela sakhe siyifanele iChiefs inqobo nje uma sizohamba nemiphumela encomekayo.”
Uthe kumqoka ukuthi iChiefs isheshe inqume ngezimisele ngokukwenza ngoJohnson.
“Lesi isikhathi sokuthi iChiefs ithathe isinqumo ngokuthi izokwenzenjani ngoJohnson. Mhlawumbe uJohnson neChiefs bayazi nje kodwa ithina esingazi?
“Ngokwami, kuzoyisiza lokhu ngoba uma iqhubeka naye, izobe iqala yenza amalungiselelo afanele enombono ngakho konke okwenzekayo.
“Nabadlali kuyabasiza ukwazi okuzokwenzeka ngoba ngeke kube usizo ukujwayela isitayela sikaJohnson mhlawumbe basithande ekubeni sizoshintsha futhi ekuqaleni kwesizini.
“Uma iChiefs izobheka engxenye nakhona kufanele icacise ngokushesha ukuze lowo mqeqeshi ezomqasha ezobe eqala ukusebenza ebumba indlela iqembu afuna ukulihola ngayo,” kusho uTovey.
Amawini amabili kaJohnson akamuva elandelana anombelise iChiefs ayibeka endaweni yesithupha kwi-log yeDStv Premiership.
Umdlalo wayo weligi olandelayo usekhaya ngoDisemba 23 neRichards Bay FC.