ULINDELE ukubona abanye abadlali abazoqhakaza emqhudelwaneni wombhoxo iQhawe Week umdlali weHollywoodbets Sharks, uMawande Mdanda.
UMdanda (21) wayeyingxenye yalo mqhudelwano ngo-2018, wagcina ethathwe yisikole iMaritzburg College, wathola nomfundaze.
Lo mdlali odabuka eMandeni, waqala ukudlala umbhoxo eseneminyaka eyisishiyagalombili, esafunda eMandeni Academy, edlalela iShaka Warriors.
Ngesikhathi eqeda u-matric ngo-2021 wasayina inkontileka neqembu elincane iVodacom Bulls. Nyakenye ufakwe eqenjini lesizwe lika-Under-20 ngaphambi kokuthi athathe isinqumo sokubuyela ekhaya azodlalela iSharks.
“Lo mqhudelwano wayishintsha impilo yami ngoba wangivulela amathuba okufunda nawokudlala. Kusemqoka ukuthi kube nemiqhudelwano yalolu hlobo esezingeni eliphezulu esiza abadlali abasemalokishini nezinye izindawo lapho umbhoxo ungadumile kakhulu khona,” kusho uMdanda.
“Bengingeke ngifike kuleli zinga engikulona ukuba angilitholanga leli thuba. Kuyimanje nginethemba lokuthi ngizogcina ngilifezile iphupho lokudlalela iqembu lesizwe, okuyiphupho lawo wonke umdlali.”
UMdanda oyibamba kwi-prop, uthe wakhula ezifela ngowayedlala kumaBhokobhoko neSharks, uTendai “Beast” Mtawarira kodwa umdlali asebukela kuyena manje uFrans Malherbe.
IQhawe Week eyasungulwa inhlangano yezinkakha zakuleli zebhola lombhoxo, iSA Rugby Legends, uzobe ugubha iminyaka engu-10 kulo nyaka.
Uzongenelwa amaqembu angu-16 abafana abaneminyaka engaphansi kwengu-15, nayisithupha amantombazane. Kulokhu uzobanjelwa esikoleni iQueens High, eGoli, kusukela ngeSonto kuze kushaye uLwesine.
UMdanda uyingxenye yeqembu leSharks elizodlala owamanqamu eCurrie Cup neLions namuhla ngo-4 ntambama, e-Emirates Airlines Park, eGoli.
Ngaphandle kwakhe, lo mqhudelwano usukhiqize abadlali okubalwa uVusi Nhlapo, Romuald Ntumba, Mikaeel Safodien, Michail Damon, Thabo Ndimande, Indiphile Tyeda, nabanye asebeke badlala emiqhudelwaneni efana neCraven Week neCurrie Cup.
Inkakha yamaBhokobhoko neSharks, uJohn Smit, oyingxenye yeSA Rugby Legends, ithe kusemqoka ukuthi wonke umuntu othanda ibhola lombhoxo afake isandla ekuthuthukisweni kwalo mdlalo, ikakhulukazi ezindaweni lapho ubungafunyeleli khona phambilini.
“Ngibe nenhlanhla yokuziphilisa ngalo mdlalo, ngadlalela amaqembu amangalisayo kodwa manje sengikolunye uhlangothi. Sengiwumlandeli wombhoxo onenhlanhla yokubukela iqembu lakuleli lesizwe eliholwa nguSiya (Kolisi),” usho kanje uSmit.
“Yilokho okungigqugquzelayo ukuthi ngifake isandla ekusabalaliseni lo mdlalo ukuze izingane eziningi zikwazi ukuwudlala. Lolu hlelo saluqala ukuze abadlali abanekhono bangasali ngemuva ngoba behlala ezindaweni ezingenazo izinkundla zombhoxo noma abaqeqeshi abasezingeni eliphezulu.
“Indlela osukhule ngawo eminyakeni edlule iyakhuthaza. Siyaziqhenya ngabafana namantombazane abadlule kuwona. Abanye babo bathola amathuba okufunda baze bafika kwiVarsity Rugby neqembu elincane lamaBhokobhoko. Umdlali ofana noBabalwa Latsha uke waba ngukaputeni wabesifazane bamaBhokobhoko.”
USmit ubonge abaxhasi iHollywoodbets Foundation, ngokulima indima enkulu ekuwufukuleni, ikakhulukazi ngemuva kokuthi uphazanyiswe wubhubhane iCovid 19.
Nyakenye, umqhudelwano wabafana wanqotshwa yiWestern Province eyaguqisa iBorder kowamanqamu. Emantombazaneni kwakhonya iGolden Lions yaseGoli, eyanqoba iBlue Bulls yasePitoli.