UMQEQESHI weCape Town City, u-Eric Tinkler, uvume iphutha lokungasheshi ukufaka uLuphumlo Sifumba, beshaywa i-Orlando Pirates ngo-2-1 koweDStv Premiership, e-Orlando Stadium ngempelasonto edlule.
Emasontweni edlule, kube nesasasa ezinkundleni zokuxhumana kubalandeli bebhola, uTinkler enika ithuba lokuqala lo mdlali ofike kwiCity eneminyaka ewu-14.
Nakuba egijime imizuzu eyisithupha kuphela kodwa utshengisile ukuthi kungani engaconsi phansi ngisho kubantu abangayilandeli iCity.
USifumba (17) odlala esiswini nowazalelwa e-Uster, eSwitzerland, uqale ukuzakhela igama ngo-2021, eqopha umlando ngokuba umdlali omncane kunabononke kwiDStv Diski Challange. Ngo-2022, uqhubekile nokuzifaka ezinhliziyweni zabaningi eqhulula amagoli kwiDStv Compact Cup kade edlalela iCoastal United.
Ukuzimisela kwakhe kwenze ukuthi nyakenye aphinde asayiniswe iRoc Nation okuyinkampani ephethe abadlali abahlukene emhlabeni, okubalwa nokaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi.
Emdlalweni weCity nePirates, uSifumba ufakwe esiwombeni sesibili.
Ebuzwa uTinkler ukuthi ucabanga ukuthi unike uSifumba ithuba ngesikhathi esifanele yini, uthe: "Ngenze iphutha bekumele ngisheshe ngimfake. Kulesi sikhashana engimnike sona ubenethezekile ebholeni waphinde wangalilahla. Ubezosisiza kakhulu.
“Ngimbeke ngaphandle ngoba ngibuswa emqondweni ukuthi sidlala nePirates. Besinengcindezi futhi siphatheke kabi. Unekusasa eliqhakazile uSifumba kodwa kuzomele angaxinwa.“
Lo mqeqeshi uveze nokuthi akukho abangakwenza ukuvukela lo mdlali empilweni kokungabulala ikusasa lakhe. Uthe okwabo ukuhlale bemeluleka.
"Akukho esingakwenza. Ngaphandle-ke uma singamvalela endlini ngasosonke isikhathi. Uma eseqede ukujima akabi phambi kwamehlo ethu. Konke kulala kuye. Kumele azi ukuthi noma isiphi isinqumo asithathayo siphethe ikusasa lakhe," kuphawula uTinkler ngalo mdlali, okuthe ngoSepthemba wango-2022, wafakwa yiphephandaba lase-England, iThe Guardian, ohlwini lwabadlali abawu-60 abazalwe ngo-2005, abenza kahle kwezemidlalo emhlabeni jikelele.
UTinkler uphinde wakuvuma ukuthi kuzoba umqansa ukuqeda emaqenjini amathathu aphezulu njengoba sebelahle amaphuzu. Uthe njengoba beqhubeka nokulahla amaphuzu igebe liya ngokuvuleka. OwePirates bekungowesine kukandelana amaCitizens ehluleka ukunqoba.
Kwemithathu adlale ngokulingana. Aseqoqe amaphuzu awu-35, emidlalweni ewu-26. Emdlalweni wawo nePirates, ayibone kuqala imbobo yepali. Nokho aphinde avumela izitha ukushaya amabili okunqoba.
Nasemidlalweni ababambane kuwo naMaZulu neMarumo Gallants-ngo-2-2 kube ngesifanayo, beshaya kuqala igoli.
"Yisimo esibuhlungu lesi. Sizobuyela ejimini silungise amaphutha. Akukho okutheni esingakwenza. Okwethu njengabaqeqeshi ukutshengisa abadlali amaphutha abawenze emdlalweni odlule. Ukubatshengisa isizathu esenza izitha zashaya igoli lokuqala nelesibili,“ kusho uTinkler.
NgoMgqibelo, iCity izovakashela iRoyal AM, eChatsworth Stadium.