UMATSEMELA Thoka, obengumqeqeshi weBaroka, ukholwa wukuthi ukudayiswa kukaGoodman Mosele othengwe yi-Orlando Pirates ngoJulayi 2021, yikona okuholele ekutheni igawulwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.
IBaroka yehlele kwiMotsepe Foundation Championship emuva kokuqeda emsileni we-log yeDStv Premiership ngesizini edlule. Idliwe yizembe esegudluziwe uThoka, kwabuyiswa uKgoloko Thobejane. UThoka wehliselwe eqenjini leDStv Diski Challenge. Inkontileka yakhe ayivuselelwanga ekupheleni kwayo ngoJuni. Lo mqeqeshi uthathwe yiMarumo Gallants, yamnika umsebenzi wokuqeqesha iqembu layo leDiski Challenge.
"Ngicabanga ukuthi okokuqala okukhinyabeze iqembu wukuthi asiliqinisanga. Umdlali oyedwa angabulala lonke uhlelo. Ngakho ukuhamba kukaMosele ngicabanga ukuthi yikona okubulale iqembu. Asimsayinisamga omunye umdlali ozovala isikhala sakhe. Noma ngabe akafani naye kodwa onesitayela esifana nesakhe. Ngicabanga ukuthi ukuhamba kukaMosele yikona okukhubaze iBaroka," kusho uThoka.
Emuva kokugawulwa yizembe kweBaroka, usihlalo uKhurishi Mphahlele uwubhekise kuyena umunwe ngokonakala kwezinto kwiBakgaga, wathi ubekezele isikhathi eside engenzi izinguquko ezifanele.
Lokhu kutolikwe ngabaningi ngokuthi unike uThobejane isikhathi eside ekubeni iqembu lingawini imidlalo. Manje iBaroka ilwela ukubuyela kwiPremiership. Emuva kwemidlalo eyisishiyagalombili kwiChampionship, isendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-10. Isawine imidlalo emithathu kuphela.
"Ngisanda kubuka umdlalo wabo nePlatinum City Rovers, yilowo kuphela engisawubukile kule sizini, uyabona ukuthi iqembu aliqinile. Kodwa ngicabanga ukuthi ngoJanuwari bazoliqinisa ngoba bayiqembu engaziyo ukuthi liyakwazi ukuhlanganisa iqembu eliqinile. Usihlalo ungumuntu okwaziyo ukubumba iqembu eliqinile. Ngakho ngimangele kule sizini ukuthi aliqinile. Ngokwami abadlali akubona abasezingeni ebengililindele eqenjini elinjengeBaroka. Kodwa ngiyakholwa ukuthi ngokuhamba kwesikhathi bazokwenza izinguquko, liqine iqembu," kusho uThoka.
Lo mqeqeshi ukugcizelele ukuthi nakuba esayibambe kwiDiski kodwa usafuna ukubuyela kwiPremiership.
"Angikwazi ukujabulela ukuqeqesha kwiDiski Challenge ngoba sengike ngakuzwa ukuqeqesha esikimini esikhulu. Ngakho kufanele ngibuyele phezulu. Ngidinga ukusebenza nabadlali besikimu esikhulu. Ngidinga ukukhulisa ulwazi lwami lwezokuqeqesha," kuphetha uThoka. Khonamanjalo izolo iVenda Football Academy ushaye iPretoria Callies ngo 1-0 koweChampionship.