UMQEQESHI weRichards Bay FC, uKaitano Tembo, uhlabeke umxhwele ngonozinti osemncane, uPhilasande Manqele, ogile izimanga bekhipha iMoroka Swallows kwiCarling Black Label Knockout ngempelasonto edlule.
IBay itomule i-Orlando Pirates kuma-quarterfinal azodlalelwa eThekwini ngosuku olusazomenyezelwa. Ukuwina kweBay bekusho ukuphela kweshobolo lezinyanga leli qembu lagcina ukunqoba.
Nokho okuthathe amehlo abaningi yikhono likaManqele ovimba eqenjini leDStv Diski Challenge. UManqele (20) waseMpangeni, uthathe indawo kaSalim Magoola oselenze elakhe ijezi kwiNatal Rich Boys, wahlalisa ebhentshini uMalcolm Jacobs obeyiqhawe ngesikhathi leli qembu linyukela kwiDStv Premiership ngesizini ka-2021/2022.
"Sisebenza naye nsuku zonke, ngiyakubona ukuzimisela kwakhe. Ungumfana omncane olambile futhi onokulangazelela. Asimphosi nje phakathi singazi ukuthi yini angayenza. Ngakho ukumethemba kuqhamuke ekutheni siyamazi. Ngicabanga ukuthi belimfanele ithuba," kusho uTembo.
Akubuzwa ukuthi ukushaya into ecokeme kukaManqele kuletha ithemba kwabanye abadlali abayibamba kwiDiski abalobizela ukuthola indawo esikimini esikhulu. Ngaphandle kukaManqele, iBay ishaya ngabanye abadlali abasebancane abanekhono okukhona kubona uLangalakhe Mhlongo, Yanela Mbuthuma ongumgadli noThulani "Sasko" Gumede.
UManqele kwakhelwe phezu kwakhe iqembu leDiski ngesizini edlule. Ngaphambi kokujoyina iBay ubesesikhungweni iKZN Academy eThekwini.
"Uma eqhubeka nokusebenza kanzima, ngicabanga ukuthi ngokushesha uzoba ngomunye wonozinti abaphambili ezweni ngoba akatatazeli, usebenza kanzima, uthatha izinqumo ezifanele, ulibamba kahle ibhola futhi uyayigcina indawo yakhe epalini. Kufanele kunconywe abaqeqeshi bonozinti abasebenza naye nabamtholile. Uma eqhubeka nokuzithoba, uzofinyelela esicongweni," kusho uTembo.
Emdlalweni olandelayo iRichards Bay izokwamukela iCape Town City koweDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.
Akubuzwa ukuthi uTembo uzofisa ukuthi abafana bakhe baqhubeke nezinga eliphezulu abalikhombise koweSwallows. IRich Boyz isendaweni ka-15 kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni eyisishiyagalolunye. Emsileni kusahlezi iCape Town Spurs esahlulwe kuyona yonke imidlalo selokhu yenyukele kwiPremiership.