NAKUBA isitimela seMamelodi Sundowns sibonakala sishosholoza selokhu kuqale imidlalo ye-DStv Premiership, umqeqeshi weRichards Bay FC, uKaitano Tembo, akanalo uvalo lokubhekana naso njengoba yena esaphemba.
La maqembu azotholana koweligi namuhla eKing Zwelithini Stadium, eMlaza ngo-5 ntambama.
UTembo ukhuluma kanjena-nje iBay inephuzu elilodwa njengoba ibalwa kumaqembu ayisithupha angakanqobi nowokubika umdlalo selokhu kuqalwe iligi.
Iphuzu enalo endaweni ka-14 kwi-log ilithole ngokubambana ngo 0-0 naMaZulu FC ngempelasonto edlule.
ISundowns le akhuluma ngayo isiyinqobe yomine imidlalo yeligi, ihlula iKaizer Chiefs, Sekhukhune United, Lamontville Golden Arrows neChippa United ngo 2-0 ngesonto eledlule.
Uma kusukwa kwisizini edlule, owoSuthu, bekuwumdlalo wesi-17 iBay ihluleka ukunqoba.
Isizini ephezulu iyivule ngokushaywa yiSuperSport United ngo-2-0, kowesibili yahlulwa yiLamontville Golden Arrows ngo-2-1. UTembo obezwakala ekhululekile, uveze ukuthi ubone bedlala ingcwenga yebhola noSuthu okuyizinkomba zokuqala zokulunga kwezinto eqenjini lakhe.
Uthe ulindele ukuthi balinyuse kakhulu kunakuqala izinga koweSundowns.
"Umdlalo wethu neSundowns uyithuba lokuthatha iqembu ulibeke kwelinye izinga. Yithuba lokunyusa izinga lokudlala ngaphezu kokuthi senzile kuMaZulu.
“Okuhle wukuthi angidingi ukugqugquzela abadlali ngaphambi kwalo mdlalo. Wumdlalo wonke umuntu kwi-DStv Premiership afisa ukuboshelwa kuwo. Kulele kubo abadlali bami. Kumele baziveze ukuthi bakulungele ukudlala kulesi sigaba," kusho uTembo.
"Kuyiqiniso ukuthi uma sekuphele isikhathi eside unganqobi umqondo uyathikamezeka. Kuyijoka lethu ukukhipha iqembu kulolu bishi.
“Kumele sigqugquzele abadlali siphinde silungise nemiqondo yabo. Ngesingami emdlalweni waMaZulu bekuwukuqala kokulunga kwezinto. Kunabadlali engibone kwakheka kubo ukuzethemba.
“Kungithokozisile ukunika ithuba uNkululeko Miya obedlala kuMsinga United noThobani Mthembu udlale kahle kakhulu. Ucishe wasitholela igoli. Ngibona ikusasa eliqhakazile kuleli qembu.”
Nokho ukuvezile ukuthi kuzomele bathole unyazi lo mgadli.
"Sibuthuntu phambili. Emidlalweni emibili edlule singenelwe ngamagoli amane, thina sashaya elilodwa kuphela. Kuyajabulisa ukuthi kowaMaZulu asingenelwanga yigoli.
“Nakuba kunjalo kusamele siyisebenze eyokuhlulwa amagoli. Sidinga unyazi lo mgadli oluzositakula kule nkinga. Sinenqwaba yabadlali abanethalente. Sekumele sibatholele umgadli oshisayo,“ ubeke kanje.
UTeboho Mokoena oyibamba kuthule umoya esiswini samaBrazilians, uthe ngenxa yokwazi amagalelo kaTembo ubona umdlalo uzoba nzima.
"Ngiyamazi umqeqeshi uTembo ukuthi uzowulungiselela kanjani lo mdlalo. Ngisengaphansi kwakhe kwiSuperSport uma sizodlala neSundowns ubehlale ethi indonda ayifike kanye nebhola kwisitha. Kuzoba uqinathambo womdlalo. Okunye ukuthi ngiyibona izodlala ibhola lokuzuma iRichards Bay. Inabadlali abanekhono abafana noNtsundwana (Somali)," kubeka uMokoena ofike wangena khaxa kwisitayela seSundowns.