AMAZULU abheke ukubuya ngegiya eliphezulu emidlalweni yeDStv Premiership.
USuthu luqale amaholidi eNdebe yoMhlaba lujabhile kulandela ukuthelwa ngesibhaxu yiMamelodi Sundowns emqhudelwaneni weCarling Black Label Cup ngenyanga edlule.
ISundowns igcine iyiwinile iCarling emuva kokuxebula i-Orlando Pirates kowamanqamu. Ngaphambi kokwehlulwa kwiCarling, Usuthu lushiye abalandeli balo bekhala lushaywa yiPirates kowamanqamu weMTN8 eThekwini. Emuva kokushaya into ephansi koweCarling, umqeqeshi uRomain Folz, uthembise ukuthi ezakhe zizobuya seziyiqembu elihluke kakhulu uma seliqhubeka nemidlalo yeligi.
AmaZulu azobuyela enkundleni ngoDisemba 31 esevakashele iSekhukhune United emdlalweni weligi ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo. Abuyele ejimini ngeSonto eledlule.
Umdlali wasemuva, uRiaan Hanamub, uthe iqembu lisebenza kanzima ejimini.
"Sonke sijabule ngokuthi sesibuyile futhi besikhumbulene kakhulu. Umoya muhle kakhulu eqenjini. Sesijahe ukuthi imizimba yethu ibuyele esimeni siqhubeke neligi. Imizimba yethu ayikho esimeni ebikade ikusona ngaphambi kokuya ekhefini. Sisebenza kanzima ejimini ukubuyela esimeni esihle," kusho uHanamub kwi-video ephanyekwe ekhasini leTwitter loSuthu.
Kuyiwe ekhefini leNdebe yoMhlaba AmaZulu esendaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-17 emidlalweni engu-13.
Omunye umdlali wasemuva woSuthu, uRamahlwe Mphahlele, ucashunwe kwi-website ye-IOL ethi: "Manje siyazi ukuthi sekuyisikhathi sokusebenza futhi yilokho esizokwenza. Sibheke ukuba nesikhathi esanele nomqeqeshi njengoba sazi ukuthi ufike emuva kwesikhathi (Okthoba). Mkhulu umsebenzi okufanele siwenze. Singakwazi ukwenza kangcono siyiqembu. Lokhu kufana nokulungiselela ukuqala kwesizini. Kufanele sizilungiselele, singenzeli kuphela iSekhukhune kodwa imidlalo yonke ezayo. Kufanele senyuke kwi-log."
Ukubuya kwemidlalo kuzosho ukubuya kwengcindezi kuFolz osekukhona asebeqala ukumngabaza emuva kokushaywa koweMTN8. Kukhona asebenemibuzo ngokudobe abaphathi kuFolz ongakaze azuze lutho oluphathekayo ebholeni njengomqeqeshi. Nokho uma konke kuya ngamazwi awakhulume emuva koweCarling, AmaZulu azobuya eseshintshile.