AmaZulu (1) 1
Maritzburg United (0) 1
AMAZULU aphinde ahluleka ukuwathola egcwele amaphuzu ngesikhathi ebanjwa yiMaritzburg United ngo-1-1 emdlalweni weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Lona umdlalo wesithathu kwiligi Usuthu luhluleka ukuthola amaphuzu agcwele ludlalela ekhaya. Kodlule lwehlulwe abanye omkhaya baKwaZulu-Natal, iRichards Bay, ngo-1-0. Kuyona le nkundla lwashaywa nayiChippa United. Empeleni leli qembu likaSandile Zungu selihluleke wukunqoba emidlalweni eyisikhombisa yeligi. Lagcina ukujabulela amaphuzu aphelele lehlula iSwallows ngo-3-2 ngo-Agasti 19.
Kulona we-United, Usuthu luhambe phambili ngegoli likaGabadinho Mhango esiwombeni sokuqala, iMaritzburg yabuya ngelikaFriday Samu kwesibili.
Ubungekho umehluko omkhulu phakathi kwala maqembu ngasekuqaleni komdlalo, womabili ebehluleka ukwakha iminyakazo ecacile.
Aze akhetha ukukhahlela ipali ekude, uVeli Mothwa, unozinti woSuthu, uchithe ibhola ebelithunyelwe uKeegan Ritchie wezivakashi ngomzuzu ka-13.
USiphesihle Maduna naye uzamile ukutholela AmaZulu igoli edonsa intambo ephume phezu kwepali ngoka-17.
Usuthu luhlangane kangcono sekuzoyiwa ekhefini amafolosi alo, u-Augustin Kwem noMhango, sebewuhlupho ezitobheni zezivakashi.
Kusale kancane ukuthi ibhakuze inethi ngomzuzu ka-34 ngesikhathi uGeorge Maluleka ededela ishodi engaphandle kwebhokisi ngakwesokunxele, lashaya ipali selimdlile unozinti, u-Anye Derick Fru.
Iqembu lasekhaya ligcine lilitholile igoli ngemuva kwemizuzu ewu-39. UMaduna udlubulundele nebhola ngakwesokudla, waligobela uMhango olivalele phakathi.
Leli qembu, eliqeqeshwa wuRomain Folz, libuye lisenomfutho esiwombeni sesibili, kwasebenza uFru ebamba ibhola ebelishaywe uMaluleka.
Izinto zishintshile umdlali waMaZulu, uTercious Malepe, ekhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uBrandon Theron enkabeni yenkundla.
Unompempe, uThando Ndzandzeka, uqale wamnika ikhadi eliphuzi kodwa wabuye washintsha wamnika elibomvu.
Ngemuva kwalokho iTeam of Choice ibisiya iphindelela phambili ifuna igoli lokulinganisa.
Kugcine kumlungele uSamu ngomzuzu ka-77 elingqomfela enethini ngemuva kokuthi uSuthu luhluleke ukukhipha ikhona ebishaywe uReagan van der Ross.
EzikaJohn Maduka zibe nawo amathuba okushaya igoli lokunqoba ngasekupheleni komdlalo kodwa zangawasebenzisa.
Ithuba lokugcina litholwe uRamahlwe Mphahlele ngekhanda emizuzwini eyengeziwe kodwa ibhola lashaya kwi-crossbar, umdlalo waphela zibambene ngo-1-1.