AmaZulu (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 0
AMAZULU adumaze izinkulungwane zabalandeli beKaizer Chiefs eyikhipha kowandulela owamanqamu weMTN8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ntambama.
Umdlalo uphele kungekho iqembu elishaye igoli kodwa Usuthu lwedlulela kowamanqamu ngenxa yokuthi lushaye igoli ekuhambeni kowomlenze wokuqala ophele zibambene ngo-1-1 eFNB Stadium, emasontweni adlule.
AmaZulu asezobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu ngoNovemba 5, eMabhida. Kuzobe kungokokuqala la maqembu etholana phezulu kowamanqamu selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996.
AmaZulu agcine ukudlala kowamanqamu wendebe ngo-2010 ehlulwa yiBidvest Wits koweNedbank Cup.
Ukunqoba koSuthu kusho ukuthi lisaphila iphupho likamengameli walo, uSandile Zungu, okubeke obala ekuqaleni kwesizini ukuthi ufisa ukubona iqembu linqoba indebe kulo nyaka njengoba ligubha iminyaka awu-90 labunjwa. INyokana eluhlazana, yagcina ukuphakamisa indebe ngo-1992 idla iCoca-Cola Cup.
Usuthu lungene enkundleni luvunwa wumphumela womlenze wokuqala. Beludinga ukugwema ukungenelwa yigoli kuphela. IChiefs ingene enkundleni iphoqekile ukuthi ishaye igoli ukuze izodlulela kowamanqamu.
Nakuba iChiefs igcine ikhale ngaphansi kodwa kuqine ithemba lokuwina kubalandeli bayo bebona umgadli uCaleb Bimenyimana obekubikwe ukuthi ulimele nakuba iqembu lingakuqinisekisanga lokhu. Lo mgadli ugcine ekhishiwe esiwombeni sesibili eselimele.
Enkundleni, iChiefs ikhombise ukuzinza ngokushesha ihlasela zibekwa kodwa iphikwa yizinto uma isifike phambili. Kucishe kwayilungela ngomzuzu ka-11, ngesikhathi uKeagan Dolly edonsa ishodi engaphandle kwebhokisi kodwa laphuma eceleni, kwahlokoma inkundla. AmaZulu nawo alitholile ithuba ngoka-14 kodwa uSiphesihle Maduna washumpuza esebhokisini. AmaZulu aqhubekile nokwakha amathuba kodwa ehluleka ukuwasebenzisa.
Esiwombeni sesibili, iChiefs iqale ngomfutho ofanayo neqale ngawo esokuqala kodwa ihluleka uma isifike phambili. Imizamo yonke yeChiefs igcine iphelele emoyeni. Ngesikhathi kucaca ukuthi iChiefs iyahluleka wukugqobhoza udonga loSuthu, abaMaZulu bese bekukhombisa ukuthi izinto zivuna bona, bengasajahe minyakazo ebheke emapalini eziMpofana. Ukuphuma kweChiefs kusho ukuthi lusazoqhubeka usizi lokunganqobi izindebe oseludonse iminyaka ayisikhombisa.