UKAPUTENI weLamontville Golden Arrows, uNduduzo “Sulumane” Sibiya, ukhulekela ukuqhubeka ngomgqigqo abaqale ngawo kwiDStv Premiership abazovakashela kuyona ompetha iMamelodi Sundowns namuhla ngo-5 ntambama, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
I-Arrows, Sundowns, Cape Town City, SuperSport United ne-TS Galaxy iwona amaqembu ayiqale kahle kunawo wonke akhona eligini enkulu yaseNingizimu Afrika isizini entsha okufakazelwa ukuthi kwemibili esidlaliwe, wonke awayazi induku.
NgokukaSibiya, Abafana Bes’thende abazimisele ngokwehlisa egiyeni abaqale ngalo kule sizini ukuze bagweme okwenzeke ngedlule lapho bekhishwe khona iMoroka Swallows kwi-Top 8 ngosuku lokugcina.
I-Arrows iqale yacazelana ngamaphuzu neSwallows kade ihamba phambili. Ibe isiwaqoqa egcwele komakhelwane iRichards Bay FC ngeledlule kowesibili.
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe muva nje, uSibiya uthe ayikho imfihlo kule sizini ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi amanye amaqembu aqambe ayaphaphama, i-Arrows isilayishile emgodleni wayo.
“Asinayo imfihlo ngaphandle kokuthi siqoqe amaphuzu amaningi kule midlalo yokuqala ukuze zithi ziya ekhefini lokuqala lemidlalo yamazwe sibe sesilayishile emgodleni wethu,” kusho uSibiya.
“Siqale kahle kodwa sizwile ukuthi kuzobanzima kunalokhu ebesikucabanga ngakho-ke asingabazi ukuthi imidlalo elandelayo (okukhona nompetha) izoba lukhuni satshe.
“Okunye okusemqoka kithina kule sizini (njengabadlali abadala), ukufaka iqembu okungenani kowamanqamu owodwa kule miqhudelano esizoyidlala ngokuqhubeka kwesizini ngoba sesiside isikhathi lokho kungenzeki.
“Konke lokhu kungenzeka uma sizinikela ngoba wonke amaqembu aqala elingana emiqhudelwaneni bese kuhluka ngokuthi ibaphi abasuke beyifuna ngempela leyo nkomishi esuke ilwelwa,” kuqhuba yena.
USibiya (28) uzwakalise intobeko ngokuqokwa kwakhe njengomunye wokaputeni be-Arrows ngesizini edlule.
“Ukuqokwa kwami kukhombise bonke abafana abasezinkulisa ze-Arrows ukuthi kuyenzeka uma uzimisela. Ngikhulele kulona iqembu ngakho-ke akukho engingakwazi ngalo.
“Nakuba umsebenzi wokuhola iqembu elinomlando njenge-Arrows ubukeka umkhulu, kuyasiza ukuthi angiwuthwele ngedwa kepha kunesigungu esikuqondayo ukuthi umsebenzi waso ukubamba ngesandla abafana abancane abafika minyaka yonke eqenjini,” kuphetha uSibiya.