INKOSI yebhola, uJomo Sono, ikholelwa ekutheni ikwazile ukuluqoqa ngokwanele ulwazi lokudlala kwi-ABC Motsepe League abegijima kuyo okokuqala ngesizini edlule.
KwiGauteng ABC Motsepe League, iCosmos iqede kweyesithathu.
Isolezwe libuza uSono ukuthi uyizwe injani isizini yakhe yokuqala kulesi sigaba, uthe ufunde lukhulu waphinde wagcizelela ukuthi ubengakubhekile ukuthi angabuya ngesizini yokuqala, ubesafunda izinto eziningi.
“Ngifunde lukhulu kule sizini yokuqala. Ibhola elidlalwa lapha lehlukile kunelePSL (Premier Soccer League). Ibhola lalapha lidle ngamandla. Izinto zenziwa ngendlela yakhona,” kusho uSono.
“Nakuba kunjalo kodwa ngicabanga ukuthi ngiluqoqe lonke ulwazi. Ngesizini ezoqala ngizolwela ukubuyela kwiMotsepe Foundation.
“Ngishaya ngabafana abalambele impumelelo nabanethalente eliyisimanga. Ngibashayela elikhulu ihlombe.
“Bazamile kwisizini yokuqala. Siphume isithathu.”
Ekuphikweni kweCosmos yizinto, eGauteng kukhonye iDondol Stars nayo engalibonanga elidlalayo emidlalweni yokuhlungela ukwenyukela kwiChampionship.
Kugcine kwenyuke i-Upington City yaseNorthern Cape ne-Orbit College yaseNorth West.
Ebuzwa ukuthi ulibona linjani noma likuphi ikusasa leCosmos, uthe:
“Khululeka iJomo Cosmos isazophila iminyaka engu-100. Sengiyazi ukuthi noma ngifa kusasa umndeni wami uzoqhubeka nayo.
“ICosmos isazoqhubeka nokukhiqizela elakuleli abadlali bezinga eliphezulu. Angethukile, sizobuyela noma kanjani esigabeni esikhulu.”
Isizini ka-2021/22 ifake usawoti esilondeni kuSono iqembu lakhe lishoveleka ehlathini elimnyama sucu elaziwa nge-ABC Motsepe League.
Kwenzeka lokhu, abalandeli beZenkosi sekuphele iminyaka belindele ukuthi zibuyele kwiPremiership.
Belilokhu ladliwa yizembe ngesizini ka-2015/16 nokusho ukuthi bese kuphele amasizini ayisikhombisa lidlala kwiChampionship.