Orlando Pirates (1) 2
Chippa United (1) 1
UXWAYISE abadlali bakhe ngobumqoka bukuvuka emaqandeni umdlalo uqala umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ozibule iBetway Premiership ngewini kwiChippa United ngoLwesithathu ebusuku e-Orlando Stadium, eSoweto.
Inkundla ivulwe u-Andile Jali weChippa, ngenguzunga yeshodi esiwombeni sokuqala ngaphambi kokuthi, uTshegofatso Mabasa, aphendulele eZimnyama ngephenathi.
UMonnapule Saleng uqoqise iPirates amaphuzu agcwele umdlalo ususesikhathini sikanompempe esiwombeni sesibili.
Nakuba uRiveiro ekujabulele ukuqala ngamaphuzu agcwele kodwa uzwakalise ukungenami ngendlela abadlali bakhe abawuqale ngayo umdlalo.
“Ngikholwa ukuthi sonke asineme ngendlela esiqale ngayo umdlalo yize sikujabulela ukuqala ngamathathu kulokhu kwazise ngesizini edlule siqale ngeqanda,” kusho uRiveiro kwiSuperSport.
“Besinamathuba amaningi okuhlohla amagoli kodwa besijaha kodwa lokhu bekudalwa ubunzima bokudlala nabadlali abaqinile beChippa.
“Kuhle ukuqala ngale ndlela kodwa kusemqoka ukuthi siyilungise indlela esiqala ngayo imidlalo,” kusho yena.
Ngemizuzu yokuqala iChippa ibihleli emuva ngenhloso yokugwema ukuqala njengomlilo wequbula kwePirates ngokusho komqeqeshi wayo, uKwanele Kopo, ngaphambi kokuqala komdlalo.
Ukuhluleka kwePirates ukubhobosa iChippa kuwupholisile umdlalo. Lokhu kulandelwe ukuthi izivakashi zizithole sezihamba phambili ngegoli elihle elishaywe uJali ngomzuzu ka-22.
Ukungena kwegoli kube sengathi kuyawukhuphula umdlalo ngoba womabili amaqembu aqalile ahlaselana ngamandla kusobala ukuthi iPirates iyangqongqoza, isifuna igoli lokulinganisa.
Lokhu kuhlasela kuyitholele iphenathi ethathwe uMabasa kade kudlaliswe kabi uSaleng umdlalo ususemseni kanondweba ngaphambi kokuya ekhefini.
Ngaphambi kokuqala komdlalo uRiveiro ukucacisile ukuthi ulindele umdlalo onzima futhi onezikhwepha ngenxa yabadlali abebesesikimini seChippa.
Nakuba engazange abasho ngamagama kodwa iChippa iqale umdlalo, ngoCraig Martin, Bienvenu Eva Nga noJali bonke abanomlando wokuba semabhukwini eBucs.
IPirates ibuye isivutha esiwombeni sesibili kanti kwiChippa uJali akabuyanga ekhefini. Ngemuva komdlalo uKopo uveze ukuthi ubedlala elimele, edonseke umsipha okwenze waphuthwa yizinsuku ezintathu zokujima.
Yize ibikhona iminyakazo yeChippa kodwa bekusobala ukuthi igoli elilandelayo lingase lishaywe iqembu lasekhaya.
Ngesikhathi sekubukeka sengathi iPirates izolahla amaphuzu, uSaleng uyilamulele ngekhanda ngemuva kwebhola elihle eliphakwe uDeon Hotto.
Umdlalo wePirates olandelayo ibhekene kuwona neJwaneng Galaxy FC yaseBotswana womlenze wesibili esigabeni sesibili seyokuhlungela eyamaqoqo yeCaf Champions League. IChippa izodlala neRichards Bay koweligi ngoMgqibelo
Komunye umdlalo wayizolo weligi iLamontville Golden Arrows ishaye iStellenbosch FC ngo 2-0.