KUBUKEKA zisekude ukuphela izinkinga kwiSwallows njengoba kuvela ukuthi kungase kubanjwe isamba esithile esibonelelweni semali esithola kwiPremier Soccer League (PSL) ngenxa yokukweleta umdlali.
UNhlanhla Tshabalala, ongunobhala jikelele kwiSouth African Football Players Association (Safpu), utshele leli phephandaba ukuthi sebebhalele iPSL bacela ukuthi kubanjwe esibonelelweni saleli qembu imali kaThabo Mosadi okunqanyulwe inkontileka yakhe.
Lo mdlali wasesiswini, usayiniswe yiZinyoni ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2020-21. Bekungeyokuqala zibuya kwiMotsepe Foundation Championship.
Nakuba zingavezanga ukuthi uMosadi usayine isikhathi esingakanani kodwa uTshabalala wazise leli phephandaba ukuthi iSwallows inqamule inkontileka kaMosadi isasalelwe wunyaka.
Uqhube wathi lo mdlali udaba ube eselufaka kwiSafpu enikele esiGungwini esiXazulula ukuNgezwani kwi-PSL (DRC).
Uthe balinqobile leli cala, iSwallows yase iyalelwa ukuba ikhokhele lo mdlali izinyanga eziyisibalo esithile. Uveze ukuthi iSwallows ikhokhele uMosadi imali ephelele ngoDisemba kuphela. NgoJanuwari umnike eshodayo.
"I-DRC yalidonsa ngendlebe leli qembu ukuthi likhokhele lo mdlali imali yakhe. Siyabona ukuthi liyahluleka. Sesibhalele i-PSL ukuthi imali kaMosadi ibanjwe esibonelelweni sanyanga zonke. I-PSL isinike iSwallows izinsuku eziwu-28 ukuthi ikhokhe le mali uma ingafuni ukuzibona isenkingeni," kubeka uTshabalala.
Uqhube wathi: "Akukuhle ukuthi amaqembu avele anqamule izinkontileka zabadlali ngaphandle kokuxoxisana nabo. Nabo bangabantu.
“Mawahlale phansi nabo, kuxoxiswane. Banemindeni abayondlayo, izingane, imizi nokunye okumele bakukhokhele. Ukungazikhokhi izimali zabadlali kuba nomthelela omubi emaqenjini.
“Isibonelo nje, uma i-PSL igcina ngokuyibamba imali kaMosadi kungagcina kushaya isimo sezimali eqenjini. Lokhu kungaholela ekutheni nabanye abadlali bagcine bengaholi. Ngaleyo ndlela ziyanda izinkinga".
UTshabalala uveze nokuthi balandela olunye udaba lweSwallows ekhokhela abadlali ngezinsuku ethanda ngazo.
"Sithola ukuthi ngezinye izinyanga abanye abadlali bayakhokhelwa abanye lutho. Okubi wukuthi iningi labo kalibiki kithina ngalokhu kuxhashazwa. Ngakolunye uhlangothi lokhu kuveza uthando abanalo ngeqembu labo."
Kuvela lezi zindaba nje, leli qembu lisanda kuphunyuka esigwebeni se-Fifa ebesilivimba ukusayinisa abadlali kuze kube u-2024.
Imizamo yokuthola abaphathi beSwallows ukuba baziphendulele ayiphumelelanga kwale ngisho sebethunyelwa imibuzo ngomqhafazo neWhatsApp, lutho ukubuyela kuleli phephandaba.