UZIMISELE ukulwela ukuba yingxenye yeqembu eliqala imidlalo ngemuva kwekhefu leFifa umgadli wakuleli, uLuther Singh, odlalela iFK Cukaricki, eSerbia.
USingh (26) ujoyine leli qembu elidlala esigabeni esiphezulu, iMozzart Superliga, ngemuva kokuchithwa iqembu laseDenmark, iFC Copenhagen, linqamula inkontileka yakhe.
Usedlale imidlalo emibili yeligi nowodwa we-Europa Conference League, engena esuka ebhentshini esiwombeni sesibili kuyona yomithathu.
Ugqame kakhulu kowakamuva weligi bebhekene neVozdovac ngo-Okthoba 9 lapho engene washaya igoli lokulinganisa umdlalo wagcina uphele zibambene ngo 1-1.
“Bekuwumzuzu obaluleke kakhulu (ukushaya igoli), ngaphezu kwakho konke kubuyise ukuzethemba kimina. Wonke umdlali ufuna ukuhlala isikhathi esiningi esenkundleni, kunjalo nakumina. Ngiyazi ukuthi bengingekho ngesikhathi iqembu lilungiselela ukuqala kwesizini futhi besekuphele izinyanga ngingadlali. Ngijabule ngamathuba esengiwatholile futhi ngizolwela ukuba yingxenye yeqembu eliqalayo. Konke kuncike kubaqeqeshi,” kusho uSingh kwi-website yeqembu lakhe.
ICukaricki isendaweni yesine kwi-log yeSuperliga ngamaphuzu angu-16 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Kolandelayo izobhekana neNovi Pazar esendaweni ka-10, ngoLwesihlanu ntambama.
Leli qembu, eliphekwa ngu-Igor Matić, lizobe selitholana phezulu neFiorentina koweConference League ngo-Okthoba 26. Aliwuqalanga kahle lo mqhudelwano, liguqiswe yiFerencvaros yaseHungary ngo 3-1 neKRC Genk yaseBelgium ngo 2-0.
“Ayisigculisanga imiphumela yemidlalo yakamuva neGenk ne-Vozdovac. Sifuna ukwenza okungcono yingakho kufanele siqhubeke nokusebenza kanzima futhi silungiselele ukubamba umgqigqo omuhle kule midlalo ezayo,” uSingh uqhube kanje.
“Ziningi izinselelo ezisihlalele yingakho ikhefu belisho lukhulu kithina. Siqhubekile nokulungisa izinto ukuze silungele ukudlala emiqhudelwaneni ehlukene. Okwamanje sisacabanga iNovi Pazar okuyiqembu eliqinile elinabadlali abasezingeni eliphezulu.
“Siyibheke ngabomvu le midlalo enzima ngoba sikholwa wukuthi sinabadlali abanele abaseqophelweni eliphezulu.”
USingh wagcina ukudlalela iBafana Bafana ngesikhathi ibambama ngo 0-0 neGhana kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoSepthemba ka-2021.