USALINDELE lukhulu kuLuther Singh, umqondisi wenye yezinkulisa eziphambili zebhola kuleli, iStars of Africa Football Academy, uFarouk Khan.
USingh (26) usanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili neqembu laseSerbia, i-FC Čukarički, ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe yiFC Copenhagen yaseDenmark, isasalelwe yiminyaka emibili.
UKhan nguyena owabona lo mdlali esaneminyaka engu-11 edlala kuNazarene FC. Uthe usamthathisa okwendodana yakhe. Ngesikhathi ephekwa eStars of Africa, uSingh washeshe wakhombia ukuvuthwa kwathi eseneminyaka engu-16 wamenywa ukuba aziqeqeshe namaqembu amakhulu eBrazil, iFluminense neVasco Da Gama.
Inkontileka yakhe yokuqala wayisayina neqembu laseSweden, iGAIS, eseneminyaka engu-18 ngo-2015, ngaphambi kokuthi athathwe ngelinye lamaqembu amakhulu ePortugal, iSC Braga ngo-2017. Nakuba engakwazanga ukuthola indawo eqenjini elikhulu layo wabolekiswa kwamanye amaqembu kule lizwe, iGD Chaves, Moreirense nePacos Ferreira.
Kungesikhathi egijima kwiPacos lapho achaza khona iCopenhagen, yamgixabeza ngenkontileka yeminyaka emine ngo-2021. Sekuwumlando ukuthi izinto kazimhambelanga kahle eDenmark, lapho bekubhekwe khona ahambe ezinyathelweni zenkakha yakuleli uSibusiso Zuma, osathathwa njengenkosi khona ngenxa yezimanga azigila edlalela iCopenhagen ngo-2000 kuya ku-2005.
Ngemuva kokuchitha isizini ka-2022/23 ebolekiswe kwiChaves, iCopenhagen inqume ukuyinqamula inkontileka yakhe ngasekuqaleni kwale nyanga kodwa uKhan unethemba lokuthi ukuya kukaSingh eSerbia kuzombuyisela endleleni efanele.
“Kuhlale kukuhle ukuthi umdlali athole ithuba lokuveza ikhono lakhe noma yikuyiphi indawo. Kungaba yithuba elihle lokuthi aqale phansi. Izinto azihambanga kahle kwiCopenhagen, uke wagula, walimala kodwa impilo injalo. Iminyaka yakhe isamvumela ukuthi abuyele ezingeni eliphezulu, inqobo nje uma engasebenza ngokuzikhandla futhi aqine. Yilokho esamfundisa khona esemncane,” uKhan usho kanje.
“Ngikhulume naye ngemuva kokunqanyulwa kwenkontileka yakhe ngamtshela ukuthi akuphelile ngaye. Lokhu abhekene nakho sekwenzeke kubadlali abaningi abasezingeni eliphezulu phambilini. Ngimenzele isibonelo ngabadlali abafana noMohammed Salah noKevin de Bruyne, abalahlwa yiChelsea kodwa bavuka bazithatha. Namuhla bangabadlali abahamba phambili kwiPremier League nasemhlabeni.
“Pho yini engamvimba ukuthi afeze amaphupho akhe? Ngokubona kwami wakuzwa konke engamtshela khona futhi ngibheke ngabomvu ukubona ukuthi yini azoyenza kule sizini. Iligi yaseSerbia ayidumile kangako kodwa akhona amaqembu amahle futhi bazodlala nakwi-Europa Conference League babhekane namaqembu avela emazweni ahlukene. Kwazi bani ukuthi kuzokwenzekani."
USingh unethemba lokuthi uzozinza ngokushesha futhi ukholwa wukuthi uma enza kahle uzokhumbuza umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ukuthi kusekhona angakwenzela iqembu lesizwe.
“Ngifuna ukuqopha umlando neqembu lami elisha. Eqinisweni akukuningi engikwaziyo ngeligi yaseSerbia kodwa ngizothola yonke imininingwane maduze nje. Ngifuna ukuzibonakalisa zibekwa nje futhi ngisize iqembu lithole imiphumela emihle.
“Esinye sezizathu esenze ngakhetha ukujoyina iČukarički yisifiso sokubuyela eqenjini lesizwe. Ngingakwenza lokho kuphela uma ngidlala ezingeni eliphezulu. Ukudlalela iNingizimu Afrika yinto ekhethekile engingeke ngiyifanise nalutho,” kusho uSingh kwi-website yeqembu.
USingh wadlalela iqembu lesizwe lika-Under 20 nelika-Under 23 ngaphambi kokudlala okokuqala kwiBafana ngo-2017. Unamagoli amathathu emidlalweni engu-13 ayidlale neqembu lesizwe.