USEZIFAKE wagamanxa embangweni womklomelo womgadli ovelele kwiDStv Premiership, umgadli weMarumo Gallants, uRanga Chivaviro, ochazwe yibamba lo mqeqeshi waleli qembu, uRaymond Mdaka, njengesibani esibaholela ezweni lesethembiso.
UChivaviro ushayele iGallants amagoli amathathu ngesikhathi inqoba ekhaya ngo-3-1, kwiChippa United okungumphumela oyisuse endaweni eyingcuphe yokugencwa izembe.
Leli qembu linyukele endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu awu-27. Kunombolo-15 kuhleli iChippa ngawu-26, emsileni kuvale iMaritzburg United ngamaphuzu awu-24.
Amagoli kaChivaviro amnyusele kumagoli ayisishiyagalolunye asewavalele kwiligi. Lokhu kumfake embangweni wesicathulo segolide oholwa uPeter Shalulile, weMamelodi Sundowns ngamagoli angu-11 kulandele uBradley Grobler weSuperSport ona-10.
UChivaviro usendaweni yesithathu lapho ebambene khona noMonnapule Saleng we-Orlando Pirates noCassius Mailula weSundowns.
UMdaka uveze ukuthi ujabule kakhulu ngegalelo lalo mgadli oneminyaka engu-30 ubudala.
“Konke esikwenzayo kwiGallants kusuka enhliziyweni kodwa izinto zibalula uma unomdlali onjengoChivaviro okuhlale kusinika ithemba ukubakhona kwakhe,” kusho uMdaka ethimbeni labezindaba leGallants emuva komdlalo obusePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu.
“Ukwazi ukuthi noma yini oyizamayo ukhona umgadli ozolisebenzisa ithuba kwenza wonke umuntu eqenjini ahlale enethemba.
“Kuyangijabulisa okukhonjiswa abafana ngoba nakulokhu siqale silandela emuva kodwa abazange badikibale, kunalokho bawufake nakakhulu umfutho.
“Uma uhlanganisa lokho nokwazi ukuthi unomgadli ongalishaya noma inini igoli, nokuzethemba kwabanye kuba phezulu.
“Konke esikufisayo sinalo ithuba lokukuzuza uma siqhubeka ngale ndlela,” kusho lo mqeqeshi obanjiswe kulandela ukuhlatshiswa ikhefu kukaDan Malesela, ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
UMdaka ukhuluma kanjena nje, kufanele kwazise uChivaviro useyishayele amagoli angu-14 kuyona yonke imiqhudelwano iGallants kule sizini.
Emidlalweni yeCaf Confederation Cup lapho iGallants ikuma-quarterfinal , lo mgadli useshaye amagoli amahlanu emidlalweni eyisithupha.