Richards Bay FC (0)0
Magesi FC (1)1
Usale ekhala ngamaphutha abadlali bakhe umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrandon Truter, ezakhe ezihlulwe yiMagesi emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli leMagesi eliqede amaphupho eBay, lishaywe nguTshepo Mashigo esiwombeni sokuqala.
IBay ifiyelele kowandulela owamanqamu emuva kokuqeda ngeSekhukhune United neCape Town City. IMagesi idlule kwi-Orlando Pirates nakwiTS Galaxy. Ukufinyelela kowamanqamu kweMagesi kusho ithuba lokuwina indebe yesibili kumqeqeshi, uClinton Larsen, owadla eyeMTN8 esaqeqesha iBloemfontein Celtic ngo-2012. Kowamanqamu ozoba ngoNovemba 23 eFree State, iMagesi izobhekana neqembu elizowina ngeSonto phakathi kweMamelodi Sundowns neMarumo Gallants.
UTruter uthe:“Ngijabulile ngendlela esiwuqale ngayo umdlalo, sawuphatha, sakha amathuba ambalwa. Namuhla kube yiphutha likaTshepo (Mabua), emdlalweni odlule kube yiphutha likanozinti (Ian Otieno). Lezi yizinto okufanele sizilungise ngoba izitha zithola ithuba ngephutha lethu, zishaye igoli. Sithole amathuba amahle obekufanele sibajezise ngawo kodwa sehluleka. UTshepo wenze iphutha kodwa ngeke ngimubambele igqubu. Amaphutha ngezinye zezinto okumele sizilungise.”
Iphini likaLarsen kwiMagesi, uPapi Zothwane, lincome abadlali ngokuzimisela nokwenza abakutshelwe ngumqeqeshi. Uthe ukufinyelela kowamanqamu kuyinto enkulu eqenjini ikakhulukazi njengoba liselisha kwiPremiership futhi lidlala indebe yokuqala kulesi sigaba.
Enkundleni, iBay ikhombise ukuzinza zibekwa emdlalweni, iphatha ibhola ngokukhululeka. Nokho akukho okutheni obekukhathaza unozinti weMagesi, u-Elvis Chipezeze. Uqale ukusebenza ngesikhathi evimba ishodi likaTlakusani Mthethwa alishaye engaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-23. Kusebenze yena futhi uChipezeze ngomzuzu ka-26 ebamba ibhola ebelingqofwe nguYanela Mbuthuma. Emuva komzuzu, uMashigo ushayele iMagesi igoli emuva kokuthola ibhola ebeligqofwe nguMabua elibhekise emuva ku-Otieno kodwa langagcwala. IMagesi icishe yashaya elesibili ngesikhathi uDeolin Mekoe ethola ibhola esebhekene no-Otieno kodwa walishaya laphuma eceleni kwepali. Kusuka kulelo thuba, uChipezeze ukhiphe iMagesi obishini evimba ibhola likaJustice Figuareido esebhekene naye.
Esiwombeni sesibili, iBay ibuye yaqhubeka nokuhlasela kodwa uChipezeze ubengafuni lutho ezintini zeMagesi. Indlela iBay ebihlasela ngayo, bekunzima ukuphatha ibhola kwiMagesi. Izinguquko ezenziwe nguTruter, zigcine zingathelanga zithelo. Ngomzuzu ka-84, kushabalale amathemba ngesikhathi uMthethwa ethola ikhadi elibomvu ngenxa yokudlala kabi.