SITHEMBISO MKHIZE
AKAPHATHEKILE kahle neze uThabo September, ofaniswa nedlozi eliphilayo leSuperSport United, ngomkhuba waleli qembu osudonse inqwaba yamasizini, wokudedela ithuba embangweni wesicoco seligi ngemizuzu yokugcina.
Kubukeka nakule sizini i-United eqeqeshwa uKaitano Tembo, ishaywa induku eyodwa yokuphuma embangweni wesicoco seligi emzuliswaneni wesibili.
Omunye angathi amanga ukuthi iqembu like laba ngekinye lamathathu asesicongweni isikhathi eside emzuliswaneni wokuqala. Selehle laze lafika kweyesithupha ngamaphuzu awu-35, emidlalweni ewu-22.
Sekuphele imidlalo eyisithupha lagcina ukuqoqa amaphuzu aphelele kwiDStv Premiership. Lagcina ukuqoqa amaphuzu aphelele ekuqaleni kukaFebhuwari lishaya yona iCape Town City.
USeptember owafika kuMatsatsantsa a Pitori ngo-2006 njengomdlali wagaxa amakhokho emgibeni ngo-2016, uthi kule sizini ubezitshela ukuthi leli shobolo lizobaxolela.
Uthe kule midlalo eyisishiyagalombili esele uma bengavuka bazithathe akhona amathuba okuqeda okungenani kumaqembu amathathu aphezulu.
"Kanginazo izibalo eziqondile zamasizini esihlale siphuma embangweni wesicoco seligi ngemizuzu yokugcina, kodwa sekuyisikhathi eside. Kule sizini kubukeka lo mkhuba usheshe waqala kakhulu.
"Nakuba kunjalo, ngiyaziqonda izinkinga ezibhekene neqembu kule sizini, sinesikwati esincane kakhulu. Okunye okusishayile ukulimala kukaGabuza (Thamsanqa) noBradley Grobler", kusho uSeptermber oke waba yiphini likaTembo nyakenye.
Ziyaqina izinsolo zokuthi leli qembu elalaziwa ngePretoria City eminyakeni edlule, lisendalini. Nokho izikhulu zalo, uKhulu Sibiya ongusihlalo noStanley Matthews oyisikhulu esiphezulu, bayakuphika lokhu.
Kuvela nokuthi ngenxa yalokhu kudayiswa okubikwayo, sekukhona amaqembu acathamela abadlali be-United. Imibiko yakamuva ithi iMamelodi Sundowns, isihlwithe injini yayo uSipho Mbule obekudume ukuthi ufunwa iKaizer Chiefs.
Kubuzwa uSeptember oseyinxusa leSuperSport ukuthi ngabe le mibiko ayiwo umthelela kokwenzeka enkundleni, uthe: "Kangifuni ukuphawula ngalawo mahebezi ngoba kangiwazi ukuthi ayiqiniso kangakanani. Nakuba kunjalo lezo yizindaba zehhovisi, kangikholwa ukuthi zingabaphazamisa abadlali. Siyaxoxa nabadlali, ekhempini umqondo wokunqoba usekhona.“
I-United yagcina ukunqoba isicoco seligi kwisizini ka-2009/10 isaqeqeshwa uGavin Hunt. Lo mqeqeshi washiya enqobe iligi kathathu neqembu. Selokhu yagcina ukuyinqoba kayikaze iphume kwi-Top 8.
Ezinye izicoco ezinqotshwe aMatsatsantsa a Pitori, iTelkom Knockout (2014), Nedbank Cup (2011/12, 2015/16, 2016/17) neMTN 8 (2017, 2019).