YIZE kumjabulisa ukuzinikela kwabadlali bakhe abakukhombisile benqoba iRaja Casablanca yaseMorocco, koweCaf Champions League ngempelasonto, kodwa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ukholwa wukuthi usemningi umsebenzi osabahlalele kule sizini.
UMiguel umenyezelwe njengomqeqeshi omusha weSundowns ngoLwesibili olwedlule, kulandela ukukhonjwa indlela kukaManqoba Mngqithi. Ubehlezi okokuqala ebhentshini laleli qembu ngesikhathi liguqisa iCasablanca ngo 1-0 emdlalweni kaGroup B wesigaba samaqoqo kwiChampions League ngeSonto, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
ISundowns ibuyise ithemba ngohambo lwayo kwiChampions League inqoba okokuqala kulesi sigaba njengoba ibidlale ngokulingana emidlalweni emibili yokuqala ibambana neManiema Union yaseDemocratic Republic of Congo, ne-AS FAR Rabat yaseMorocco.
“Bekubaluleke kakhulu ukuthi sinqobe (kwiCasablanca). Lokhu sekusinike ithuba lokuphefumula kodwa uhambo luselude. Leli qoqo esikulona alilula, kusazoba nzima, kodwa siyayazi inselelo esibhekene nayo. Nokho ukunqoba kwethu angingabazi nakancane ukuthi kuzokwenyusa izinga lokuzethemba kubadlali bami.
Uma unamamaki amahle esikoleni, wonke umuntu uyakholwa wukuthi ungumfundi ongcono. Ngokufanayo nalapho ube nomdlalo omuhle, ngikholwa wukuthi uyiqembu elingcono,” kusho uCardoso ncome ukuzinikela kubadlali bakhe.
“Angingathandi ukuzincoma mina uma sinqobe umdlalo, kodwa ngibeka phambili abadlali. Ngihlabeke umxhwele ngokuzinikela kwabadlali nomoya wobumbano abanawo, abakukhombise ngosuku lokuqala ngiqala ukusebenza nabo ejimini, okuyinto abayikhombise nasemdlalweni.
Ngemuva kokungena kwegoli kusukume bonke abadlali, nabebehlezi ebhentshini bengadlali bekhombisa ukwesekana okuyisimanga. Nakuba kunjalo, usemningi umsebenzi osasihlalele, ngakho sidinga ukuwugcina lo mgqigqo nasemidlalweni elandelayo, ikakhulukazi olandelayo esiyowudlala (ngoLwesithathu).”
AmaSandawana, azihola phambili kwi-log yeBetway Premiership, azobuyela ensimini ngomdlalo weligi neStellenbosch FC kusasa ngo-7.30 ebusuku, eCape Town Stadium, eKapa.
Ngemuva kwalo mdlalo, azobhekana naMaZulu FC ekuhambeni ngoLwesibili oluzayo, bese esonga unyaka neRichards Bay FC ngoDisemba 28, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza. KwiChampions League, iSundowns izobuyela enkundleni ngoJanuwari 3, isiyophinda neCasablanca ekuhambeni.