KUMQINISA idolo umqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, ukuthi bazobe bengosokhaya uma sebedlala neKaizer Chiefs, futhi bakwazile ukuthola isikhathi esanele sokulungiselela lo mdlalo weDStv Premiership.
USeema ukugcizelele ukuthi nakanjani kumele bawunqobe lo mdlalo weDStv Premiership osePeter Mokaba Stadium, ngo-8 kusihlwa.
IBabina Noko engosokhaya iza kulo mdlalo izinto zingayimele kahle njengoba ibalwa namaqembu ayibambe ngasemsileni kwi-log. Isaqoqe amaphuzu awu-17 emidlalweni ewu-14.
Emidlalweni emibili edlule, ezikaSeema zilahle wonke amaphuzu amathathu, zishaywa AmaZulu FC ngo 1-0, zakhala ngaphansi ngo 2-0 kwiChippa United.
Okungenzeka ukuthi kubuye kugqilaze i-United wukuthi iyibambe nasemidlalweni yeCaf Confederation Cup lapho isifinyelele esigabeni samaqoqo khona.
Le midlalo yenza ukuthi iqembu lehle lenyuka ezingxenyeni ze-Afrika, okuyisimo esivame ukubakhathaza abadlali.
USeema wethemba ukuthi ukungabikhona kwemidlalo yeCaf kuleli sonto kuzokwenza abadlali bakhe bafike kwiChiefs beyimiqemane.
“Ngicabanga ukuthi iChiefs yilona iqembu elinomgqigqo omuhle njengoba sebeyinqobe ilandelana imidlalo yabo okusho ukuthi ukuzethemba kuphezulu. Ngasohlangothini lwethu sibuya ekwehlulweni kabili. Singabantu abalimele. Okuhle wukuthi sidlalela ekhaya futhi irekhodi lethu lasekhaya alilibi kangako. Kumele sikusebenzise lokho,” kusho uSeema ethimbeni le-United labezindaba.
IChiefs isinqobe imidlalo emithathu kulandelana, okungangatshazwa ukuthi nayo izobe izimisele ngokuqhubeka naleli giya. Umdlalo womzuliswano wokuqala phakathi kwala maqembu wanqotshwa Amakhosi ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium.
U-Edmilson Dove no-Edson Castillo bashaya amagoli eChiefs, kwathi u-Elias Mokwana wanikeza i-United elokubika.
“Siyazi kuzoba umdlalo onzima kodwa siwulungiselele kahle njengoba sithole nesikhathi esanele sokuphumula singaxiniwe imidlalo yeCaf. Siyawadinga amaphuzu amathathu. Ayiyinhle indawo esihleli kuyona ngasemsileni kwi-log. Ngeke sithande ukuthi siye ekhefini silaphaya ezansi. Silindele umdlalo onzima kodwa okumele nakanjani siwunqobe. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyazimisela futhi sisebenzisa amathuba ethu ukuze sikwazi ukuwunqoba umdlalo,” kusho uSeema.