IBHOLA elidlalwa yiBafana Bafana ibambana ngo 1-1 ne-Ivory Coast kowobungani ekuhambeni, lenze umqeqeshi wayo, uHugo Broos washaya ungqimuphothwe, ebimcasule ngeledlule wakuphimisela ukuthi leli qembu lesizwe kulifanele ukubukwa izihlalo.
UBroos ukhulume eyokuthi uyaqonda kungani abalandeli bengayibuni iBafana, efuthelana kulandela ukubambana ngo 0-0 ne-Eswatini kuleli ngesonto eledlule. Kulo mdlalo bekuyingcosana ezihluphile ukuzobuka umdlalo eFNB Stadium.
Kusobala ukuthi uBroos imshiye eshayeke ngaphakathi indlela iBafana edlale ngayo kowobungani ne-Ivory Coast ngoLwesibili ebusuku e-Abijan.
Inkundla ebigcwele, ivulwe uThemba “Mshishi” Zwane, oshaye ingcwenga yegoli esiwombeni sokuqala.
I-Ivory Coast ithole elokulinganisa esiwombe sesibili, uSebastien Haller, ezingqofela ibhola engamakiwe eshaya elokubuyisa emdlalweni osokhaya be-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngoJanuwari.
Ngesikhathi uBroos ekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) eStade Felix Houphouet-Boigny emuva komdlalo, uthe obekumcasule ngoLwesihlanu oludlule usekudlulisile.
“Ukuzinikela nomfutho engiwubone enkundleni wenza ngingangabazi ukuthi iBafana idlale ngendlela elindelekile kuyona,” kusho uBroos.
“Akukhona ukuthi besihleli emuva umdlalo wonke kepha kunezikhathi lapho besilithwalisa khona kanzima iqembu lasekhaya.
“Eqinisweni siziyekele ngoba ukuba ithuba elikhulu kunawo wonke esilithole esiwombeni sesibili silisebenzse ngendlela efanele, besizohamba phambili ngo 2-0 obekuzosibeka ethubeni elingcono lokunqoba umdlalo.
“Angikhali ngalutho ngaphandle kokuziqhenya ngabadlali nangokuzinikela kwabo. Ngigezeke igilo ngendlela iqembu elidlale ngayo libhekene ne-Ivory Coast engelula neze,” kuqhuba uBroos.
Lo mqeqeshi ubekusho ngowakhe umlomo ngoLwesihlanu oludlule, ukuthi iBafana kuyifanele ukubukwa izihlalo ngoba iyabhacaza.
Uyijikile le nkulumo kulandela ukuchazwa ngabadlali bakhe ekubeni bekumele bazibe nezinkumbi zabantu abebeyigcwalise phama inkundla obekudlelwa kuyona.
“Esikubone e-Ivory Coast kusikhumbuze ubunzima bokubhekana nokubukwa abalandeli abacela kwabangu-200 usekhaya, saze sakhuluma ngakho.
“Lapha besisemdlalweni lapho inkundla ibigcwele ithe phama kodwa bonke abalandeli bebeyizitha okuyinto esiyisebenzise njengomjovo kithina.
“Ngiyafisa ukuthi ngenyanga ezayo uma sesibhekene neBenin ekhaya kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, abalandeli baphume ngobuningi babo ngoba siyabadinga,” kuphetha uBroos.