INSEPHE echaze abaningi emidlalweni yokuhlunga kazwelonke ye-ABC Motsepe League, u-Atisang Batsi, isibuya kwiCaf Champions League.
UBatsi (41) ongukaputeni oyibamba enkabeni yenkundla kwi-Orbit College yaseNorth West, uqokwe njengomdlali ovelele, wakhala wemuka nesheke likaR100 000 kule midlalo esongwe eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngempelasonto edlule.
I-Orbit ikhale ngaphansi ngo 3-1 kwi-Upington City kowamanqamu. Nokho womabili la maqembu asenyukele kwiMotsepe Foundation Championship, okuyisigaba esingaphansi kwePremier Soccer League (PSL).
UBatsi ushiye iningi lingawuvali umlomo ngebhola alidlalile ekubeni iminyaka yakhe yobudala isihambile. Abalandeli bebekhala “ngekhehla”, abanye bekhala ngo-“madala” we-Orbit obeyihlanganisa esiswini kuchwaze inkundla.
Uthe akakaze adlale kwiPSL eMzansi. Kunalokho ithuba lokudlala esigabeni esikhokhelayo ulithole eBotswana.
"Iqembu engicishe ngasayina kulona lapha eMzansi yiPlatinum Stars eminyakeni edlule kodwa ngaba nebhadi, kwagcina kungenzekanga. Ngithole ithuba ngo-2015 ngaphandle, eBotswana. Ngidlale khona kwaze kwaba u-2020 ngidlalela iJwaneng Galaxy. Ngidlale izikhawu ezimbili kwiCaf Champions League, ngawina iligi ngo-2020.
“Emuva kwalokho, ngibuye ekhaya ngizitshela ukuthi ngizophanyeka amakhokho emgibeni kodwa umqeqeshi we-Orbit College (Pogiso Makhoye) wathi ngisengadlala, wangicela ukuthi ngizosiza izintwana.
“Uthe angizonikeza abafana isipiliyoni okungenani isizini (eyodwa). Emuva kwalokho ubelokhu engicela ukuthi ngidlale eyokugcina njengoba sekuze kwafika lapha," kusho uBatsi.
KwiChampionship, i-Orbit ne-Upington bazothatha izikhala zeTTM neBlack Leopards okungamaqembu agawulwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule. La maqembu azolwela ukungabuyeli ezansi emuva kwesizini.
"Ngijabule ngendlela esidlale ngayo. Okubi wukuthi asiwinanga kowamanqamu. Kodwa kulungile ngoba ebesikuzele lapha sikutholile. Sesibheke ukudlala kwiligi engaphezulu. Nginethemba lokuthi sizokwenza kahle.
“Okufanele sikwenze wukungashintshi kakhulu abadlali abakhona eqenjini. Sidinga ukuletha okungenani abadlali abane abanesipiliyoni. Esizibekele khona wukuqeda kwi-Top 8. Ngesizini yokuqala kufanele silwele ukungadliwa yizembe," kusho uBatsi.
Mayelana nokubuyela enkundleni ngesizini ezayo kwiChampionship uthe: "Imilenze isavuma. Ngicabanga ukuthi ngisengayidlala isizini eyodwa."