OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, u-Andries Sebola, ukholwa wukuthi uZakhele Lepasa engawudla umklomelo wamagoli ekupheleni kwesizini uma ezoqhubeka nomgqigqo aqale ngawo isizini.
ULepasa ubuyele kwiPirates ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024 emuva kokuchitha ingxenye yedlule ebolekiswe kwiSuperSport United.
Lo umgadli obewukudla kwebhentshi kwiPirates ngaphambi kokubolekiswa kwi-United, ubuyele kweZimnyama ekhononda ngenxa yokuphendulwa isibukeli kule liqembu kumasizini adlule.
Nokho selokhu ebuyile, izinto zimhambela kahle. ULepasa useshayele iPirates amagoli angu-10 kule sizini. Ubeke enethini amathathu emidlalweni yeDStv Premiership, amane kwiMTN 8 namathathu kwiCaf Champions League.
"Umfana wenza kahle kakhulu. Ngiyamjabulela, ukubolekiswa kwakhe kwiSuperSport kumnikeze ukuzethemba. Okunye wukuthi u-Irvin Khoza (usihlalo wePirates) ukhombise ukumthanda, wamtshela ukuthi uma ezikhandla uzoba ngumgadli oqavile wePirates. Lokho nje kukwenyusile ukuzethemba kwakhe. Manje usebenza kanzima futhi uyawashaya amagoli kwiPirates.
“Igoli alishaye bebhekene neStellenbosch ngempelasonto lingikhombisile ukuthi uma engaqhubeka nalo mgqigqo futhi ozakwabo bemphasele ngendlela abenza ngayo, uzoqeda isizini ehamba phambili ngamagoli kwiDStv Premiership.
“Kudingeka nje abambe umgqigqo, ebholeni yilokho okusebenzayo. Kufanele enze isiqiniseko sokuthi uyaqhubeka nokushaya amagoli, asebenzise wonke amathuba awatholayo,” kusho uSebola.
Okwamanje umgadli omusha weMamelodi Sundowns uLucas Ribeiro nguyena ohamba phambili ngamagoli kwiPremiership embangweni weLesley Manyathela Golden Boot Award.
Useshaye amagoli amane emidlalweni eyisihlanu. Abanye abalandela ngamathathu nguChibuike Ohizu weSekhukhune United, Pule Mmodi weKaizer Chiefs noTshegofatso Mabasa weMoroka Swallows.
USebola owaduma ngelika- “Local is Lekker”, wajoyina eZimnyama ngo-1996 ekade eshaye amagoli angu-19 kwiReal Rovers.
KwiPirates wagcina ezakhela igama ngokushaya amagoli njalo esuka ebhentshini. Uthe nakuba uLepasa eshisa kodwa eZimnyama kufanele zisayinise omunye umgadli ngaphambi kokuvalwa kwewindi ngoSepthemba 22.
Abanye abagadli abasemabhukwini ePirates nguKermit Erasmus, Eva Nga, Souaibou Marou no-Evidence Makgopa.
"Isikimu siyabangwa, kusekhona uKermit obuya ekulimaleni. Ngokwami iPirates idinga ukusayinisa omunye umgadli nomdlali wasemuva ikakhulukazi njengoba idlala e-Afrika. Yizona izindawo eshoda kuzona," kuphetha uSebola.