UMDLALI wasesiswini, uThamsanqa Sangweni, ongomunye obekubatshwaza ithalente lakhe eminyakeni edlule, usesola nesandla semfene njengoba kuze kube yimanje engalitholi iqembu azodlala kulo kwiPremier Soccer League (PSL).
USangweni (34) oke wadlala kuMaZulu FC, Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns nakwiChippa United, esigabeni esikhulu, ubhale ekhasini lakhe kwiFacebook kuleli sonto, efongqa isigqko ecela umsebenzi emaqenjini akwiPSL
Isolezwe libe selimthinta ngocingo ukuthola kabanzi ngesimo abhekene naso.
"Angisazi ngenzenjani. Njalo uma kuke kwavela kwabezindaba ukuthi kukhona iqembu elifuna ukungisayinisa konke kushabalalisa okwamazolo. Sengisola isandla semfene. Uma kukhona engamnyathela obhozo ngicela uxolo, kangilutho ngaphandle kwebhola," kusho uSangweni.
Lo mdlali owayenconywa ngokuyibamba kuthule umoya esiswini ngesikhathi eqala ukubonakala esigabeni esikhulu ngo-2009, ngesikhathi ebhala kwi-Facebook, uvume amaphutha akhe wase ecela umsebenzi kubaqeqeshi nasezikhulwini zamaqembu eDStv Premiership.
Uthe akasoli muntu njengoba esehleli ekhaya engenaqembu, ufundile emaphutheni akhe. Ube esecela ukunikwa elinye uthuba. Kosihlalo bamaqembu uphume iqhuzu noDkt Irvin Khoza we-Orlando Pirates, Mato Madlala weLamontville Golden Arrows, Siviwe Mpengesi weChippa United, Sandile Zungu waMaZulu noSifiso Biyela weRichards Bay.
Kubaqeqeshi ufongqe isigqoko kuPitso Mosimane, Morgan Mmamila, Steve Komphela, Rhulani Mokwena nakuGavin Hunt.
USangweni utshele isolezwe ukuthi njengoba kuqale isizini ka-2023/24 kumele ukube ubuyele kwiChippa.
Uqhube wathi njengokujwayelekile sekuvele kwathuleka nje. Uveze ukuthi ngesizini edlule ubedlala kwiPeace Makers egijima kwi-Safa Eastern Cape ABC Motsepe League. Iyiqembu eliphakela iChilli Boys. Uqhube wathi ubenethemba lokuthi akwenze kwiPeace Makers kulidonsile iso labaqeqeshi beChilli Boys.
"Ngithe uma ngibona kuhamba isikhathi ngathinta uMmamila. Uvele wathi akukho ezandleni zakhe ukuthi angisayinise. Sekukaningi ngihlangabezana nale mbibizane. Uma kuyisandla somuntu, ngicela uxolo. Ngijeza sengathi ngabulala umuntu. Ngiyazi ukuthi ngiwenzile amaphutha.
“Ngiyazi nokuthi kungithathe isikhathi eside ukuthi ngishintshe impilo ebengiyiphila. Isimo engikuso angisifiseli omunye umuntu, sinzima. Ngiyazicelela kubaqeqeshi nakubaphathi bamaqembu banginike elinye ithuba.
“Kusewulo Thamsanqa Sangweni oyibamba kuchwaze inkundla. Ngisengalenzela lukhulu ibhola lakuleli. Kuyimanje ngiqatha ngokwanele, iqembu elingangithatha lingangisebenzisa zisuka," kubeka uSangweni.
Esigabeni esikhulu ugcine ukubonakala kuyo iChippa ngesizini ka-2020/21, icijwa uDan "Dance" Malesela.
USangweni wayidlala yonke imidlalo eyayisele kuhlanganisa nowamanqamu eNedbank Cup, iChilli Boys eyadliwa kuwo yiTshakhuma.
Lo mdlali okhiqizwe iDondotha All Stats yangakubo, eMpangeni, uthe nakuba sekulukhuni ukuthi azikhethele kodwa isifiso sakhe esikhulu ukubuyela kwiDStv Premiership.
"Ngikusho lokhu ngoba umzimba wami usakulungele ukudlala esigabeni esikhulu. Uma kungavuni, akusenani ngingadlala nakwiMotsepe Foundation Championship,“ usho kanje.