AKUMENZI axegelwe amadolo uBongani Sam, ukungena esibalweni sedlanzana labakhethekile asebeke badlubha umfaniswano weKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMoroka Swallows kusukela kwaqala i-Premier Soccer League (PSL) ngo-1996.
USam (27) waseGqeberha, usanda kusayiniswa iChiefs inkontileka yeminyaka emithathu ngenhloso yokuqinisa iqembu laseNaturena, osekuphele iminyaka lingayazi inkomishi.
Leli nxele elikwazi ukulidlala lonke uhlangothi lwangakwesokunxele lisayina kwiChiefs nje, ngesizini edlule belibolekiswe yiPirates kwiSwallows lapho lidlale khona kwengu-10 yeligi ngaphambi kokulimala.
Ukusayiniswa iChiefs kukaSam kumfaka ohlwini lwabadlali abambalwa abakhethekile asebeke bayidlubha yomithathu imifaniswano yezinkunzi zaseSoweto.
Phakathi kwalaba badlali kugqama abagadli okuyohlale kukhulunywa ngabo ebholeni laseNingizimu Afrika, uSiyabonga Nomvethe, Collins Mbesuma noThabang Lebese benoMarc Batchelor, bobabili abangasekho.
UNomvethe obalwa nezinkakha zeChiefs wabuya phesheya kwezilwandle wajoyina iPirates yize kungazange kumhambele ngendlela ayefisa ngayo.
Ngemuva kwalokho wadlulela kwiSwallows lapho wafika washisa izikhotha waze wagoduka nesicathulo segolide kwasala kancane ukuthi asize iSwallows idle iligi ngo-2011/2012.
Indlela kaMbesuma namanje osakhonya ngesibalo samagoli (awu-25) ngesizini eyodwa isuke kuMakhosi yaya e-Europe lapho ebuye khona wadlalela iMamelodi Sundowns, Swallows ngaphambi kokujoyina iPirates.
Noma bengasekho emhlabeni kodwa amagama oLebese noBathelor kwiChiefs, Pirates nakwiSwallows kusakhulunywa ngawo.
USam wafika kwiPirates ngo-2019 esuka kwiBloemfontein Celtic, wayidlalela amahlandla angu-17. Ibe isimbolekisa kwiMaritzburg United nakwiSwallows kuze kube isizini edlule.
Ngesikhathi ekhuluma kwiKaizer Chiefs TV ngemva kokwethulwa kwakhe, uSam uthe uzele ukuzosiza Amakhosi abuyise izinsuku zenjabulo.
“Kungenza ngizizwe ngikhethekile ukubalwa nabadlali abambalwa asebeke bazidlalela zontathu izinkunzi zaseSoweto,” kusho uSam.
“Nginenhlanhla yokuthi eminyakeni edlule ngidlale emaqenjini akwenza kube lula kimina ukungena esitayeleni seChiefs.
“Ngijabule futhi ngizizwa nginomfutho. Angisakwazi ukulinda ukuthi kuqale isizini. Ngizele ukuzosiza leli qembu elikhulu ebholeni lase-Afrika libuyise izinsuku zalo zenjabulo.
“Umuzwa wobumqoka bokujika izinto kwiChiefs awukho kimina ngedwa kepha bonke ozwakwethu bakhuluma into efanayo.
“Ngiyazijabulela ukuthi ngizoba ingxenye yabadlali ababuyisela iChiefs esicongweni esiyifanele,” kuphetha uSam obehambe neChiefs eTurkiye muva nje kodwa washeshe wabuya kulandela ukuthinteka.