BAQOKE uMonnapule Saleng abalandeli be-Orlando Pirates emkhakheni wokuvotela iVodacom Fan’s PLayer of the Season (edlule ka-2022/2023).
Lo mdlali usize iPirates yanqoba izicoco ezimbili, iMTN8 neNedbank Cup waphinda wayisiza yazibekisela indawo kwiCaf Champions League.
USaleng uphume phambili ngamavoti abalelwa ku-80% ohlwini lwabahlanu elandelwa nguMiguel Timm, Vincent Pule, Thembinkosi Lorch noPaseka Mako.
Oyedwa kubalandeli abavotile utonyulwe wamuka nomakhalekhukhwini kanokushoa, i-OPPO exhaswe ngabakwaVodacom.
USaleng bekuyisizini yakhe yokuqala kwiPirates enqoba iMTN8 Last Man Standing.
Ushaye amagoli angu-15 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano kanti angu-11 wawo avele emidlalweni engu-22 yeligi lapho akhe khona ayisishiyagalombili.
Kube nesililo eshweba iPSL Player of the Season.
“Ngibonga kakhulu kubalandeli ngalo mklomelo nokungeseka,” kush uSaleng, esitatimendeni esithunyelwe.
“Bengingeke ngikuzuze konke lokhu ngaphandle kozakwethu nomqeqeshi uJose nokungethemba kwakhe.
“Ukuhlomula ngawedwana kuhlezi kuyintobeko kodwa okuseqhulwini ngukuweza iqembu.”
USaleng ulindelwe aqhubeke lapho egcine khona ngesizin edlule, asize iPirates iqala umkhankaso wokuvikela iMTN8 neSekhukhune United ngo-6 ntambama.