UMGADLI weKaizer Chiefs waseDemocratic Republic of Congo (DRC), uChristian Saile, uthembise inqwaba yamagoli kubalandeli baleli qembu laseNaturena athi uya ngokuya uzizwa esekhaya kulona kusukela efikile kwiDStv Premiership ekuqaleni kuka-2023.
USaile (24) ufike kuleli ethwelwe ngeqoma kwazise amagoli akhe angu-19 akhuphulele iNchanga Rangers yaseZambia esigabeni esikhulu ngesizini ka-2021/2022.
Lokhu kuthathe iso leChiefs ebithungatha umgadli kodwa emidlalweni engu-18 uSaile aseyidlalele iChiefs ngokwahlukana kwemiqhudelwano, usayishayele amagoli amathathu wakhela ozakwabo igoli elilodwa.
Ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba muva nje, uSaile uzwakale njengomuntu ozethembayo kodwa wakucacisa ukuthi usajwayela izwe elisha kuyena kanjalo neligi ehluke kakhulu kunale abeyijwayele eZambia.
“Amakhokho ami okuhlohla amagoli ahlale eseduze nami ngakho-ke anginaxhala ngokuthi kubukeka sengathi ngiqale ngenothi eliphansi ngoba uma sengijwayele kuzobonakala ukuthi ngingubani,” kusho lo mgadli ngokuzethemba ngesiFrench, etolikelwa nguzakwabo uKeagan Dolly.
“Kujwayelekile ukuthi umdlali aqale azinike isikhathi sokujwayela iligi entsha kwazise iPSL neligi yaseZambia izinto ezihluke kakhulu.
“La ngisuka khona kuyagijinywa isikhathi esiningi kodwa ngifike kwiPSL kwangicacela ukuthi kuningi okufanele kwenziwe (iqembu lonke) ukuze kuzohlangana umphumela omuhle.
“Ayikho indaba yokuthembela ejubaneni lodwa kwiPSL ngakho-ke uma ungayijwayele indlela enjalo yokudlala, nakanjani udinga isikhathi sokuzijwayeza.
“Bengazi indlela eyodwa yokudlala ngasophondweni kodwa ngifike kwiChiefs kwashintsha lokho. Konke lokhu kuyangena ekhanda kimina futhi kungenza umdlali ongcono.
“Engikuthembisa abalandeli ukuthi bazozibonela ngenethi isibhakuza njalo ukuthi sengijwayele ekhaya lami elisha engifike kulona ngamukelwa ngezandla ezintofontofo,” kulandisa uSaile.
Lo mgadli, oke wagijima kwiSt Eloi Lupopo yangakubo, uncome izitobha zePSL ngokukhalipha.
“Izitobha zePSL zikwenza ungalali ebusuku ucabanga indlela ozozidida ngayo ngoba zikhaliphile futhi kunezindlela ezinobuchule okufanele uvele ngazo ezikhaleni okuyinto engafani nalapho ngiphuma khona.
“Kwesinye isikhathi eZambia awudingi ukusebenza kanzima uma uwumgadli ngoba izitobha zike zikuphasele zona okuyinto ehluke kakhulu nala ngikhona manje ngoba konke kufanele kucatshangwe kuqala ngaphambi kokuthi kwenziwe,” kuphetha uSaile.
Amakhosi alele isithupha kwi-log azosonga unyaka ngokuvakashela iSekhukhune United koweligi kusasa ngo-8 ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.