USESHINTSHE umqondo ngokufulathela iNingizimu Afrika umdlali waseBrazil, uRicardo Nascimento, ohlukane neRoyal AM ngesonto eledlule.
UNascimento (36) ubalwa nabadlali abakhonjwe indlela yi-AM okukhona kubona nomdlali wasesiswini uLetshane Phalane. Akucaci okwenze laba badlali bakhonjwe indlela kuleli qembu sekusele umdlalo kuphele isizini. Imibiko engaqinisekisiwe iveze ukuthi kubangwe indaba yemali abadlali abakhala ngokuthi bayikweletwa yiqembu.
UNascimento, ojoyine leli qembu nyakenye emuva kokuzakhela igama kwiMamelodi Sundowns, wenqabile ukukhuluma ngokwenze wahlukana neThwihli-Thwahla kodwa wakuqinisekisa ukuthi akaseyona ingxenye yeqembu.
"Imenenja yami ingiyale ngokuthi ngingayikhulumi eye-Royal AM okwamanje. Ngisekhona eNingizimu Afrika. Ngisafuna iqembu engizolidlalela," kusho uNascimento ngamafuphi.
UNascimento ukhuluma eyokuthola iqembu eMzansi nje, ezinyangeni ezedlule ubeveze ukuthi uma kuphela isizini ka-2022/2023, uzophanyeka amakhokho emgibeni, aphindele ekhaya eBrazil. Wathi usehlele ukwenza umsebenzi wokuthungatha ikhono, asebenze namaqembu ahlukene afuna abadlali kwelakubo.
Isikhulu seRoyal AM, uRichard Makhoba, singene ezintangeni sibuzwa ngabadlali abaxoshwe yiqembu, sathi asikwazi okwenzeke eqenjini kwazise besisahambile.
"Ngeke ngazi ukuthi kwenzekani eqenjini ngoba kade ngingekho. Ngihambe ngemuva komdlalo esigcine ukuwudlala. Ngibuya namuhla. Mhlawumbe ungangishayela ucingo kusasa sengitholile okusale kwenzeka," kusho uMakhoba.
Kuvela eyokuhamba kukaNascimento noPhalane nje, kuthiwa baningi abadlali abazokhululwa yileli qembu njengoba kuphela isizini. Abanye abaphelelwa yizinkontileka ngeke zisavuselelwa. Omunye wabadlali okungenzeka badliwe yizembe yisitobha uTshepo Rikhotso osebumnyameni ngekusasa lakhe.
Imenenja kaRikhotso, Norman Mbhalati, ivumile ukuthi kuze kube imanje i-AM ayikayikhulumi eyenkontileka entsha.
"Inkontileka yakhe iyaphela njengoba kuphela isizini. Akukho iqembu elisakukhulume nathi okukhomba ukuthi lifuna ukumgcina umdlali. Kuyacaca ukuthi kufanele sizame indlela yokumtholela elinye iqembu," kusho uMbhalati.