UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi usazobavala imilomo umgadli wakhe, u-Evidence Makgopa, labo abamsola ngokuba buthuntu phambi kwamapali.
Ekupheleni kwesonto eledlule ngesikhathi iPirates ibambana ngo 1-1 nePolokwane City emdlalweni weDStv Premiership, uMakgopa uphenduke isinengiso kubalandeli beqembu lakhe ngenxa yokuhlulwa ngamagoli.
Bazwakale bememeza benza nophawu lokuthi uRiveiro amkhiphe.
Kugcine kuye ngokufisa kwabo njengoba egcine emkhiphile ngasekupheleni komdlalo wafaka uZakhele Lepasa obuya ekulimaleni.
Kulo mdlalo ngeZimnyama ezibone kuqala imbobo yepali ngonyawo lukaPatrick Maswanganyi.
ElePolokwane lishaywe uGiven Mashikinya esiwombeni sesibili.
Bekuwumdlalo wesine weligi kuMakgopa, eZimnyama ezimthathe kwiBoroka. Ngokuhlukana kwemiqhudelwano, usadlale owodwa kwiCaf Champions League ashaye kuwo igoli bedlala neJwaneng Galaxy yaseBotswana, wadlala owodwa weMTN8 nakwiCarling Knockout Cup.
KwiDStv Premiership akakalishayi igoli.
URiveiro umvikele uMakgopa kulabo abebemuhhahhameza.
"Isimo esinjena asiqali ukubhekana naso. Ngesizini edlule abalandeli babegxeka umdlali othile sibhekene neGolden Arrows. Uyena owagcina eshaye igoli elasinika amaphuzu amathathu. Ngemuva kwalokhu iyavaleka imilomo.
“Emdlalweni wePolokwane kwale kancane ukuthi uMakgopa asishayele igoli lesibili. Lokhu kuyizimpawu ezinhle. Izinto bezingelula njengoba abantu becabanga. Ubelokhu eqhubeka nokulwa, ezama ukutshengisa abantu ukuthi uwumdlali wezinga eliphezulu, usezingeni lokuba umdlali we-Orlando Pirates. Kuyinto eyejwayelekile ukuthi uma abantu bengeneme ngomdlali othile bamthethise. Ayikho inkinga ngalokho, sizoqhubeka nokulwa," kubeka uRiveiro esithangamini sabezindaba.
Uqhube wathi bazoqhubeka nokumeseka lo mgadli.
"Usemncane u-Evidence, beyilindelekile indlela adlale ngayo. Uneminyaka ewu-23, usenalo ithuba lokukhula. Sizoqhubeka nokumeseka siyithimba labaqeqeshi nozokwabo. Ngicela nabalandeli benze okufanayo. Kulezi zinsuku sidlala ngabadlali abasebancane. Kubalulekile ukuthi sibanakekele siphinde sibavikele. Uma umgadli wethu ebona ukuthi siyamthemba kuba lula ukuthi ashaye amagoli nokuthi aphase kahle. Kulungile sizowotha noma ushisa lo mlilo. Kunesisho esithi, uma uhluleka ukumelana nokushisa phuma ekhishini. Abadlali bami bahlale bezama ngakho konke ukwenza okuhle.“
Lo mqeqeshi uthe basazoqhubeka nokulwela ukuba sombangweni wesicoco seligi.
"Sizolwa kuze kube sekugcineni, iseminingi imidlalo. Sibe neshwa lokungawatholi amaphuzu amathathu kwiPolokwane City.“
Ezimnyama zisaqoqe amaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisikhombisa. Zisanqobe kabili, zadlala kwemithathu ngokulingana, zahlulwa kabili. Kusasa zizobhekana neCape Town Spurs, ngo-7.30 ebusuku, eCape Town Stadium.