USALE engenelisekile umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, yize enqobe okokuqala kule sizini yeDStv Premiership njengoba ekholwa wukuthi iqembu lakhe licishe layidedela iRoyal AM ukuba ibuye emdlalweni ekubeni beyibhubhudle bayiqeda esiwombeni sokuqala.
IPirates igcine iwunqobe ngo 4-2 lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Esiwombeni sokuqala iPirates bekungathi ithelwe ngezibonkolo okufakazelwa ukuthi sithe siyela emaphethelweni, ibisihamba phambili ngamagoli amabili kaZakhele Lepasa nelilodwa lilaMonnapule Saleng.
Ngenxa yalesi sibhaxu obekusobala ukuthi siyaqhubeka, umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, wenze okungakaze kubonakale ebholeni elikhokhelayo laseNingizimu Afrika ngezinguquko ezine ngesikhathi esisodwa, esiwombeni sokuqala.
Kubukeka sengathi zisebenzile ngoba kuyiwe ekhefini izivakashi sezilitholile elokubika ekhaya.
Obekusobala ukuthi iPirates bese yehlisile esiwombeni sesibili kwaze kwavela ngisho amaphutha okugqame kuwona elikanozinti, uSipho Chaine, eliholele ekungeneni kwegoli lesibili lezivakashi elishaywe, uMxolisi Macuphu.
Akazange akufihle kwabakwaSuperSport emuva komdlalo uRiveiro ukuthi akayithandanga indlela iqembu lakhe elehlise ngayo ngoba selibona ukuthi seliwuqedile umsebenzi. UBandile Shandu uyena oshaye igoli lesine lokuphefumula kangcono umdlalo usuyophela.
“Angiwuthandanga umsangano esiwudlale esiwombeni sesibili ngoba umdlalo ubulula kodwa sawushiya thina uvuliwe umnyango wokuthi iRoyal AM iphinde ingene,” kusho uRiveiro.
“Kusobala ukuthi kukhona lapho kusafanele sifunde khona ngoba angisiboni isidingo sokuzithola sesimincile emdlalweni esike sahamba phambili kuwona ngo 3-1.
“Akufihliwe ukuthi amaqembu amaningi kwiligi yethu akholelwa ekutheni kufanele umdlalo uhambe kancane kumbe uhlakazeke esiwombeni sesibili kepha mina ngifuna iPirates yaziwe njengeqembu elingawehlisi umgqigqo ngisho ngabe sekwenzenjani,” kusho lo mqeqeshi.
Obekucacile ngenkulumo kaRiviero ukuthi ubone beshaye into ephansi uma eqhathanisa nabahlulwe kuwona iStellenbosch (ngo 1-0) kowokuvula isizini.
“Sishaywe emdlalweni esidlale kangcono kuwona sawina esishaye udaka kuwona kodwa umehluko bekuwukuthi amathuba esiwatholile siyawasebenzisa, okuyinto engiyifuna kuyona yonke imidlalo,” kuphetha uRiveiro.
IPirates ezoba ngelinye lamaqembu amatasa kule nyanga njengoba izoqala neCaf Champions League, isizilungiselela ukuyobhekana neSekhukhune United ngoMgqibelo kwi-quarterfinal yeMTN8. Umdlalo use-Orlando Stadium ngo-6 ntambama.