UKUDUMA kwe-Orlando Pirates njengeqembu eliqinisa kakhulu kweyomkhumulajezi akumhleli kahle, uJose Riveiro, ongumqeqeshi waleli qembu.
Uchaze lokhu njengehlazo ukuthi bagcine ukudla isicoco seligi eminyakeni engaphezulu kweyishumi edlule.
IPirates engayiqalanga kahle imidlalo yeligi , isiphenduke iqembu elaziwa njengelicoboshisa kwasani ezinkomishini ngaphansi kukaRiveiro kodwa isicoco seligi silokhu siyiceze njalo.
Kusukela efikile kwiPirates ngesizini edlule, usezidle zonke izicoco ezibekwe phambi kwakhe kangangokuthi neseCarling Black Label Knockout kuthishwa iqembu lakhe ngoba amaqembu afana neMamelodi Sundowns, Kaizer Chiefs neSuperSport United asevele aphumile kulo mqhudelwano.
Useyiphinde kabili i-MTN8 kanti isizini yakhe yokuqala (edlule) uyisonge ngokufaka isicoco seNedbank Cup ekhabetheni leBucs lezinkomishi.
“Kuyasidla ngaphakathi sonke ukuthi iqembu elikhulu nelinomlando njengePirates alisazi isicoco seligi eminyakeni engu-11 edlule,” kusho uRiveiro kwabezindaba emuva kokunqoba kwiCape Town Spurs koweKnockout.
“Akulona iqiniso ukuthi iPirates iqinisa kakhulu kweyomkhumulajezi. Siphupha ngaso isicoco seligi ngoba (iDStv Premiership), iyona emqoka kunayo yonke imiqhudelwano esiyingxenye yayo.
“Ungawuhamba wonke umhlaba kodwa ukudla isicoco seligi kuyakhukhumeza ngoba imidlalo engu-30, ekhaya nasekuhambeni futhi akekho osuke ungazange ubhekane naye kwiligi.
“Izimo obhekana nazo ngabe izulu noma ubunzima bezitha bubodwa, zenza ukuthi uma ususinqobile isicoco seligi uzizwe ufanelwe ukubekwa eqhulwini unconywe ngayo yonke indlela.
“Njengawo wonke amanye amaqembu nathi siphupha ngakho lokhu. Okwethu ukuqinisekisa ukuthi uma sesiwubambile umgqigqo (kwiligi), singabe sisawudedela,” kusho uRiveiro.
Ngaphambi komdlalo wayizolo noSuthu eThekwini, ezikaRiveiro bezisele ngamaphuzu angu-17 kwiSundowns eqhwakele (yize zisele ngokwezibalo zemidlalo).
Ngesizini edlule zilale isibili kodwa nakhona ompetha iSundowns bebengcono kwiPirates ngamaphuzu angu-16.