UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ukholwa wukuthi ukungena nomnyakazo omuhle kwabebesuka ebhentshini ngesiwombe sesibili, bebhekene neMoroka Swallows, kubacacisele bonke abadlali bakhe ukuthi akekho ongumnikazi wejezi.
EZimnyama zijabulise abalandeli bazo zishaya omkhaya bazo, iSwallows, ngo-2-0 kowe-DStv Premiership, e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.
Igoli lokuqala linamathiselwe ngu-Evidence Makgopa. Elesibili kube wumkhonto ogwaze ekhaya kuSipho Sibiya weZinyoni. Bekuyibhola ebeligotshwe uMonnapule Saleng, obesuka ebhentshini.
Okuyisinongo ngalo wukuthi lesi sikhwishikhwishi besilithinta okokuqala ibhola. Kulesi siwombe uRiveiro umfake noKabelo Dlamini, Siphelo Baloni, Zakhele Lepasa noNkosinathi Sibisi. Ngesikhathi bengena iPirates bese ilehlisile izinga, iZinyoni seziqala ukuhlasela.
Ukufika kwabo kuyivuse yama ngezinyawo, yathola negoli lesibili.
Empeleni kulesi siwombe kumele ukube ishaye amagoli amabili kuya phezulu. URiveiro odabuka eSpain, uzwakalise ukuchazeka ngendlela laba abangene bayinyakazisa ngayo.
"Kuyangijabulisa ukuthi nabadlali abasuka ebhentshini batshengisa ukulamba. Ngesifanayo nakulabo abebengekho ohlwini oluzodlala. Ilona siko leli esifuna ukuphila ngalo. Lokhu kungithinta kwamancane.
Uma usebenza kanzima ithuba liyaziqhamukela. Akekho kwiPirates oshade nejezi. Wonke umdlali uzolithola ithuba uma ezodlala ngokuzimisela," kubeka uRiveiro kwabezindaba ngemuva komdlalo.
Uthe abadlali kumele bakuqonde ukuthi kwesinye isikhathi ababekwa ebhentshini ngoba beboza kodwa kuya ngokuthi lowo mdlalo bawuhlelele kanjani.
"Ngiyambongela uSaleng ngendlela adlale ngayo. Udlule esikhathini esinzima. Kuyajabulisa ukuthi ungene kwashintsha izinto,“ kusho uRiveiro.
Lo mqeqeshi uchazekile nangendlela uDlamini obedlala owesithathu weligi, enza ngayo eqenjini.
"Akayena umdlali osheshayo kwiligi kodwa uyakwazi ukuvela esikhaleni nokungalilahli kalula ibhola. Enjalo nje, akayena umdlali ojikanayo noma oshiya amadoda elele kodwa uyawubamba umgqigqo kwakwenzayo.
Noma koweSwallows engene sesidliwe yinja isikhathi kodwa udlale kahle. NoBaloni akumele akuthathe kabi ukungena sewuzophela umdlalo. Le mizuzu embalwa ayidlalile isho lukhulu ngamalungiselo akhe omdlalo olandelayo.“
EZimnyama ezisendaweni yesithupha ngamaphuzu awu-19, kwewu-12, ngoMgqibelo zizobhekana ne-TS Galaxy, ngo-8 ebusuku khona e-Orlando.