UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ufongqe isigqoko kubalandeli wabacela ukuba bangasheshe baphonse ithawula ngombango wesicoco ovuna iMamelodi Sundowms, ngoba kusengenzeka noma yini emidlalweni yeDStv Premiership engu-15 esele ngaphambi kokuthi kusongwe isizini.
Uma kuqhubeka ngendlela okwenzeka ngayo kulezi zinsuku, lo mqeqeshi waseSpain sizogcina simshisa isihlalo yize enqobe isicoco seMTN 8 kule sizini.
Ukushaywa kwePirates iCape Town City ngo 2-1 ngempelasonto eKapa bese kungokwesithathu kulandelana kwiligi.
Ngaphambi kwalo mdlalo ihlulwe iMamelodi Sundowns ngo 2-0, yadliwa iKaizer Chiefs ngo 1-0.
Okukhulisa ingcindezi kuRiveiro ukuthi iSundowns ilokhu ilinwebe njalo igebe esicongweni ekubeni iBucs isishaywe amahlandla ayisithupha emidlalweni yokuqala yeligi engu-15.
Yize libukeka lilikhulu igebe leSundowns esicongweni, nendlela ewacoboshisa kalula ngayo amaqembu aqinile kodwa uRiveiro uthe asikho isidingo sokuphonsa ithawula ngoba isiwombe sesibili sesizini sinzima kuwona wonke amaqembu.
“Kusele imidlalo engu-15 ngaphambi kokusonga isizini okuzitolika ngokuthi asemaningi kakhulu amaphuzu okusafanele siwalwele,” kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba eDHL Stadium, eKapa.
“Engikwaziyo ukuthi isiwombe sesibili sesizini sinzima kuwona wonke amaqembu okuhlanganisa nalawa okubukeka sengathi enza kangcono kulezi zinsuku.
“Asikho isidingo sokungakukholwa ukuthi sisengayinqoba yonke le midlalo esisale. Abanye bazothi ngiyahlanya kodwa nginethemba lokuthi kusengenzeka noma yini.
“Ngiyazazi izinkinga esibhekene nazo njengeqembu kodwa ngithanda ukukuqinisekisa ukuthi yonke imidlalo siyidlala ngenhloso yokuyinqoba ngakho-ke ngicela silinde, sithembe bese sibheka ukuthi sikuphi ekupheleni kwesizini,” kusho yena kubalandeli.
“Asikho lapho kufanele ngabe sikhona ngokwamaphuzu kodwa sikuqonda kahle okufanele sikwenze ukuzisondeza nalapho sifisa ukubakhona.
“Ezinye izinto zithatha isikhathi kodwa okuhle ngathi ukuthi asiyingabazi indawo esifuna ukuba kuyona ekupheleni kwesizini.
“Sizofika lapho sifuna ukufika khona futhi kuzoshesha kunalokhu abantu abakucabangayo yingakho sicela isineke kubalandeli,” kusho uRiveiro.
IPirates izobuyela enkundleni ngokwamukela iLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, e-Orlando Stadium, eGoli. EZimnyama zagcina ukunqoba kwiligi zihlula Abafana Bes’thende ngo 2-0 eThekwini ngo-Okthoba.