UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, unxusa abalandeli babekezelele umdlali wezakhe, uKatlego Otladisa.
URiveiro ukusho lokhu kwabezindaba ngemuva kokuthi iPirates ihlule iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngempelasonto edlule, eMpumalanga Stadium.
Ezimnyama zinqobe ngegoli likaPatick Maswanganyi nelikaKarim Kimvuidi. Elokubika le-Arrows lishaywe uNduduzo Sibiya.
U-Otladisa odlala ohlangothini lwesokunxele, ufike kwiPirates ethwelwe ngeqoma ngenxa yezimanga abezenza kwiMarumo Gallants, abahambe nayo ibanga elide kwiCaf Confederations Cup ngesizini edlule.
Selokhu efikile kweZimnyama akukamhambeli kahle njengoba elizwa ngendaba ijezi.
Usadlale emihlanu kuphela yeDStv Premiership, emibili yeCaf Champions League nowodwa weMTN8.
Ijezi ulibanga noMonnapule Saleng, Thembinkosi Lorch, Deon Hotto, Maswanganyi noRelebohile Mofokeng.
Kowe-Arrows bekungokokuqala eqala umdlalo weligi. Ngomzuzu ka-77, uphumile kwangena uKabelo Dlamini.
URiveiro uyincomile indlela adlale ngayo u-Otladisa wase eveza ukuthi nokho kusamele abhukule.
"Sikhumbule ukuthi uhlale isikhathi eside engadlali. Nezinga lomdlalo we-Arrows beliphezulu. Singakukhohlwa nokuthi ubeqala ukuqala umdlalo. Uwumdlali wezinga eliphezulu. Nokho kusamele afunde lukhulu ukuze ezofika ezingeni elimfanele. Ngicela abalandeli bethu bambekezelele. Ukwenza kahle ejimini yiko okwenze saqoma ukuqala ngaye kowe-Arrows," kubeka uRiveiro.
Ngempelasonto edlule, bekuwumdlalo wesithathu iPirates inqoba kulandelana. Sekuphele imidlalo eyisithupha ingayazi induku. Kulesi sibalo idlale owodwa ngokulingana yanqoba emihlanu.
Ngemuva komdlalo, uRiveiro ubengawuvali umlomo ngebhola elidlalwe abafana bakhe.
Ukhale ngokuthi lokhu kudlala kahle kwabo kumdalela ikhanda.
"Ngisesikhathini lapho ngiphathwa ikhanda uma kumele ngibophele isikimu. Leli qoqo labadlali lenza umsebenzi oncomekayo. Ayingoba beboza laba abasebhentshini. Bahlala kulo ngenxa yendlela umdlalo esisuke siwuhlelele ngayo. Okubalulekile manje ukubamba lo mgqigqo," kusho lo mqeqeshi.
IPirates inyukele endaweni yesithathu ngamaphuzu awu-25, emidlalweni ewu-14. NgoMgqibelo, izovakashela iSuperSport United, ePeter Mokaba Stadium.