LIZOCACA ngemidlalo yokugcina iqembu elizohamba neMamelodi Sundowns ukuyomela i-Premier Soccer League (PSL) kwiCaf Champions League ngesizini ezayo ngoba maningi ayibheke ngabomvu le ndawo esele futhi wonke akhombisa izimpawu zokuba sefomini ngesikhathi esikahle.
Lokhu kushiwo inhloko yabaqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uJose Riveiro kwabezindaba kulandela ukulahla kwezakhe amaphuzu ngokubambana ngo 1-1 neMoroka Swallows kwiDStv Premiership ngoLwesithathu eDobsonville Stadium, eSoweto.
Kusukela kucacile ukuthi akekho ozofica iSundowns esicongweni eqhwakele ngamaphuzu awu-49, lo mqeqeshi waseSpain akakufihli ukuthi iqembu lakhe lilwela ukuqeda isizini lisendaweni yesibili ngoba linesifiso sokuba kwiChampions League wonke amasizini.
Imiphumela yakamuva nokho ikhomba okwehlukile kunalokhu okufunwa yilo mqeqeshi, kwazise iPirates ayiyodwa kwekufunayo kepha ikubanga neStellenbosch FC, Sekhukhune United, SuperSport United neCape Town City.
Wonke lamaqembu ahlukaniswe ngamaphuzu amahlanu kuphela kusukela endaweni yesibili kwi-log kuya kweyesithupha.
Ngemuva komphumela wangoLwesithathu, iPirates isendaweni yesine ngamaphuzu awu-34.
“Inkinga yethu yokungakwazi ukubamba umgqigqo siyayazi futhi senza konke okusemandleni ukuyiqeda ukuze sigxile kahle kulokhu esikuhlelile ngesizini.
“Okusobala ukuthi sonke sinenkinga yokufica iSundowns esicongweni ngenxa yezizathu zethu ezahlukene.
“Inkinga izobankulu kulaba ababanga ukuqeda endaweni yesibili ngoba maningi amaqembu azibona efanelwe ileli gunya,” kusho uRiveiro kwabezindaba ngoLwesithathu..
Uthe kwabazobe bezibukela ibhola, kuzokuba imidlalo yokusonga isizini emnandi kula maqembu abanga indawo yesibili, kodwa kubona abazobe bethinteka emidlalweni kuzobe kulukhuni satshe.
Uqhubeke ngokuthi kuyoze kucace ngosuku lokugcina ukuthi ubani ozohamba neSundowns ngoba la maqembu abheke le ndawo wonke akhombisa ukuba sefomini enhle ngesikhathi esikahle.
Uphinde wafunga wagomela uRiveiro ukuthi iPirates izokwenza konke okusemandleni ukubuyela emidlalweni yase-Afrika.
“Akukaze kujike ukuthi isifiso sethu ukuba ingxenye yeChampions League ngesizini ezayo, ngakho-ke sizokulwela ukulungisa amaphutha ethu ukuze singaphumi embangweni,” kuphetha umqeqeshi wePirates.
IPirates ezokwamukela iLamontville Golden Arrows koweligi kusasa ngo-6 ntambama e-Orlando Stadium, inamaphuzu angu-34 emidlalweni yeligi engu-22.
Imidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto:
NgoMgqibelo - Ngo-3pm: Richards Bay v Moroka Swallows (King Zwelithini Stadium); Chippa United v Kaizer Chiefs (Buffalo City Stadium).
Ngo-5pm: Stellenbosch v Sekhukhune United (Danie Craven).
Ngo-5.30pm: Orlando Pirates v Golden Arrows (Orlando Stadium).
Ngo-8pm: SuperSport United v TS Galaxy (Lucas Moripe Stadium).
NgeSonto - Ngo-3pm: Royal AM v Polokwane City (Harry Gwala Stadium); Cape Town City v AmaZulu FC (Cape Town Stadium).