UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ugwema ukuqhakambisa umgadli osefomini, uZakhele Lepasa, oqhulula amagoli kweZimnyama kule sizini.
ULepasa, obelizwa ngendaba ijezi kwiPirates wagcina ecele ukubolekiswa kwiSuperSport United ngesizini edlule, uvutha engabaselwe selokhu kuqale isizini yeDStv Premiership ka-2023/2024 neZimnyama.
Useshaye amagoli ayisishiyagalolunye uma sekubalwa awavalele phakathi kuyona yonke imiqhudelwano. Kwiligi useshaye amathathu emidlalweni emine. Ifomu kaLepasa isimenze waphenduka isethenjwa sePirates futhi walenza elakhe ijezi esikimini sikaRiveiro esiqala imidlalo.
URiveiro, ohlala ekubalekela ukuncoma abadlali ngabodwana, uphinde wenza okufanayo ngesikhathi ebuzwa ngefomu kaLepasa emuva kokuwina umdlalo weligi neCape City ngo 2-0. ULepasa ushaye igoli lokuqala kulo mdlalo.
"Sidinga ukwenza isiqiniseko sokuthi abadlali bethu baphambili bayawathola amathuba. Ngakho sizama ukuqinisekisa ukuthi sakha amathuba amaningi. Ngicabanga ukuthi sesikujwayele lokho manje. Yinto esiyithandayo ukuchitha isikhathi eside engxenyeni enkulu yezitha. NgoLwesibili esiwombeni sesibili bekunzima ukukwenza ngenxa yendlela iCape Town City ebicindezela ngayo. Uma siphumelela ukwenza iqembu lidlalele eduze namapali alo isikhathi eside, ngokwezinga labadlali esinalo, kuzosisebenzela. Yilokho okwenzekayo," kusho uRiveiro.
"Yikho abadlali baphambili beshaya amagoli. Yikho futhi mhlawumbe amagoli kule sizini eshaywa ngabadlali abahlukene nakuba uZakes (Lepasa) esefomini enhle. Ukuleso sikhathi esidingwa ngumgadli ukuze athole ukuzethemba. Noma ngabe uqedela ibhola eliphuma kunozinti, ulishaya ngekhanda noma ulishaya ekude njenganamuhla, izinto zimhambela kahle. Sidinga ukuzama ukuqhubeka noma ngabe ubani odlala laphaya. Kungakhathaleki ukuthi nguZakes noma omunye endaweni yakhe. Abagadli bengawathola lawo mathuba. Uma ubheka abadlali abadlala ngemuva kwabo, bazojabula."
Ukuwina kweZimnyama kuzisuse endaweni ka-10 kwi-log kwazibeka emaqenjini ayisihlanu aphezulu. Akubuzwa ukuthi lokhu kuqoqa amaphuzu kwiCity kuzozifaka umfutho ngaphambi kowomlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8 neStellenbosch eKapa ngeSonto ntambama.
"Nginelisekile ngomphumela. Besiwadinga ngempela la maphuzu amathathu. Side isikhathi sigcinile ukudlalela amaphuzu kwiligi emuva kokudlala umqhudelwano weCaf. Siqede umdlalo wakamuva neChippa singajabule. Namuhla besifuna ukuqhubeka ngokuwina. Ngakho senze umsebenzi omuhle emdlalweni ohlukile," kusho uRiveiro.