UCHITHA eyelukuluku lokuziphindiselela, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ozobe ehola iqembu leCarling All Stars selibhekene neStellenbosch FC emdlalweni weCarling Black Label Cup.
EzikaRiveiro ezihlanganiswe abadlali abavotelwe abathandi bebhola bakuleli, zizogijimisana nalabo mpetha beCarling Black Label Knockout, eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla ngo-3 ntambama.
I-All Stars ithakwe ngabadlali abadlala kwi-DStv Diski Challenge, abazothola ingqayizivele yethuba lokuzibonakalisa kubaqeqeshi bamaqembu abadlala kuwona ukuthi sebekulungele ukudlala esikimini se-DStv Premiership.
Ngaphezu kwalokhu kukhona nabadlali abanohlonze okukhona kubona unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune.
URiveiro, ovotelwe ngabalandeli ukuthi ahole i-All-Stars, uzobhekana neStellenbosch ebukise ngabo, ibaphendukela esiswini njengotshwala kade sebehamba phambili ngo 2-0, bagcina bedliwe ngo 3-2 kowe-DStv Premiership wokuvala unyaka u-2023.
Lo mqeqeshi waseSpain, uthe akawubheki umdlalo neStellies njengethuba lokuziphindisela.
“Akuyona indlela esiwuthatha ngayo lo mdlalo. Akuyona nhlobo. Lona wumqhudelwano ohlukile nakuba ngimele i-Orlando Pirates, ngizimele nami naleli qoqo labadlali.
Silapha ukuzojabulisa abantu, sizame ukuba yiqembu eliwinayo ezinsukwini ezimbili. Asicabangi ngokwenzeke esontweni, noma emasontweni amabili adlule,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
“Iqiniso wukuthi nginethuba lokudlala neStellenbosch okwesine kule sizini, emzuliswaneni wokuqala wesizini. Ngakho siyazi kahle kodwa lokhu kwehlukile, wuhlelo oluhlukile, yindlela ehlukile yokubheka umdlalo.
Lona wumdlalo wamanqamu. Ekugcineni sizozama ukujabulela lesi sikhathi sindawonye, senze isiqiniseko sokuthi asibaphoxi abantu abasivotele, sibanike into yamehlo. Yilokho kuphela esingakulawula. Umphumela yinto ehlukile. Kodwa sizokwenza konke okusemandleni.”
URiveiro kungenzeka agcine esethembela kubadlali abasuka eqenjini elilodwa noma ababedlala ndawonye kwamanye amaqembu, ukuze lisheshe lixhumane iqembu lakhe.
Kungamsebenzela nokuba khona kwabadlali bePirates esikimini esizoqala umdlalo. Kodwa uthe akakushayi mkhuba ukungazani kwabafana bakhe abaziqeqeshe izinsuku ezimbili kuphela ndawonye.
“Ngeke lakheke iqembu ngezinsuku ezimbili futhi akuyona inhloso leyo. Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi sigqugquzeleke kahle, sinogqozi lokwenza izinto ngoba ngeke kuye ngokuthi sinamaqhinga kangakanani, noma siyiqembu elihle kanjani.
Ngeke senze sengathi siyiqembu elihle ezinsukwini ezimbili, akekho ongakwenza lokho. Kodwa esinakho yithalente, sigqugquzelekile ukulwela indebe. Yimizuzu engu-90 futhi emizuzwini engu-90 konke kungenzeka.
Sithembisa abantu umdlalo omuhle, ibhola elijabulisayo. Sizokwenza okusemandleni, ngaphandle kokhwantalala lomqhudelwano ojwayelekile nokudlalela amaphuzu amathathu,” kusho uRiveiro.
Iqembu elizodla umhlanganiso lizothola u-R2 million, elehluliwe lithole u-R1 million. Abadlali be-All Stars bazohlukaniselana le mali ezotholwa. Umdlali ovelele usazovotelwa ngabalandeli futhi ahlomule ngo-R100 000.