UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uthi nakuba iqembu lakhe lisengathuthuka kodwa kumele lishayelwe ihlombe ngezinto ezinhle elizenzayo.
NgoLwesithathu aMasandawana anqobe umdlalo wesihlanu kulandelana selokhu kuqale isizini ka-2023/24 yeDStv Premiership, eguqisa iRichards Bay FC ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, okuyinto abengakaze akwazi ukuyenza selokhu kwaqala iPremier Soccer League (PSL).
Isinamaphuzu awu-15 esicongweni.
Ukunqoba lo mdlalo kusho ukuthi asedlale imidlalo engu-29 yeligi engashaywa uma sekuhlanganiswa nemidlalo yangesizini edlule.
Kuyimanje basethubeni lokwephula amarekhodi amabili aphethwe yiKaizer Chiefs. Amakhosi anqoba imidlalo eyisishiyagalombili ilandelana ekuqaleni kwesizini ka-2014/15, aphinde adlala engu-31 engahlulwa ngo-2005.
UMokwena uthe abantu abangalindeli okukhulu kuphela eqenjini lakhe kodwa baphinde bakuthokozele nalokhu eselivele likwenza.
“Mukhulu umsebenzi owenziwayo. Ithimba labaqeqeshi lisebenza kanzima. Sinesikwati esihle kakhulu, okuyinto eyenza umehluko omkhulu,” kusho uMokwena.
“Besazi ukuthi izinto ezizosisiza kulesi sikhathi wukuba sesimweni somqondo esifanele, ukukhombisa ukulambela impumelelo, umfutho omkhulu, ukuzidela nokubambisana. Yilokho okwenziwe ngabadlali.
“Kwesinye isikhathi empilweni aseneliseki. Ngiyethemba ukuthi njengomndeni, okuhlanganisa abalandeli, abaphathi, ithimba labaqeqeshi, abadlali uqobo nabo bonke abantu abayingxenye yaleli qembu, siyaziqhenya ngalokhu okwenziwa ngabadlali.
“Ukufuna okungaphezulu kulungile kodwa noma kunjalo uNkulunkulu uthi kwazise lokho akunika kona. Bese siside isikhathi sihluleka ukunqoba imidlalo emihlanu ilandelana, noma eyisithupha ilandelana ekuqaleni kwesizini, ngakho-ke ngiyethemba ukuthi siyakuthokozela okwenziwa yileli qembu, okuhlanganisa nabaqeqeshi.”
Yize iSundowns isaqhubeka nokuqopha amarekhodi amahle, izinto azikayihambeli kahle iRichards Bay FC njengoba yona isaqhubeka nomgqigqo ongemuhle esigabeni esiphezulu.
Umdlalo wayo neSundowns, bekungoka-18 inganqobi kulandelana uma kuhlanganiswa nemidlalo yangesizini edlule. Leli yirekhodi elaqoshwa yiFree State Stars ngo-2016.
Umqeqeshi weBay, uKaitano Tembo, uthe: “Wonke umdlalo esiwudlalayo kufanele sizame ukuwunqoba. Ngicabanga ukuthi uma udlala neSundowns akusizi ukuthi uhlale emuva, ize ishaye igoli kuqala.
Lokho kusho ukuthi kusafanele uye phambili futhi ngezinye izikhathi lisuke selishonile ilanga.”