UKUBA kuya ngokukaRhulani Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, ngabe umdlalo wabo wanamuhla weDStv Premiership neMoroka Swallows utholelwa olunye usuku ozogijinywa ngalo ngoba yena neqembu lakhe bakhathele ngale ndlela ephoqayo ukuthi bahlabe ikhefu.
Lokhu abezindaba bakuzwe ngoMokwena kulandela ukufaka ezakhe kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngokunqoba emaphenathini kwi-University of Pretoria ngoLwesihlanu ebusuku.
ISundowns osekulindwe usuku ukuthi iqukule isicoco sayo seligi sesikhombisa kulandelana, iqhathwe neSwallows namuhla ngo-7.30 ebusuku eDobsonville Stadium, eSoweto.
Ezinsukwini ezingu-13 ezedlule iSundowns isidlale neRichards Bay FC, Young Africans SC, yaseTanzania kwiCaf Champions League, namaTuks kwiNedbank.
Akukho ukuphumula kwiSundowns kwazise izothi ingaqeda neSwallows ibe iqala amalungiselelo omdlalo womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weChampions League ongoMgqibelo ekuhambeni ne-Esperance Sportive de Tunis yaseTunisia.
“Ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi konke kumnandi ngaphakathi ekhempini ngoba sonke sikhathele ngale ndlela ephoqayo ukuthi kufanele ngabe siyaphumula,” kusho uMokwena.
“Ngikholwa ukuthi nami ngivumelekile ukukhathala kanjalo nabadlali bami. Ukube kuya ngami ngabe uyahlehliswa oweSwallows kodwa mancane amathuba okuthi lokhu kwenzeke.
“Kumele sidle imihlathi siqhubeke nokubhekana nakho konke okubekwe phambi kwethu sikhathele siwudaka sinjalo,” kubalisa uMokwena.
Lo mqeqeshi uthe ngoba igama labo iSundowns, akekho onendaba ngokuxineka kwabo.
“Ngiwumuntu nami nginegunya lokuzwela ukukhathala. Into efanayo nakubadlali okufanele balalele mina nsukuzonke.
“Kunezinkinga ezehlukene zabadlali zansukuzonke okufanele kubhekwane nazo ngoba abadlali bangabantu nabo.
“Ngiyafisa ukuba umuntu onempilo njengabanye abantu okuyinto engicabanga ukuthi iyafana nakubadlali bami.
“Ngoba vele akekho onendaba nathi ngizobaphumuza mina abadlali (ngoMgqibelo odlule), lapho ngizovala khona ucingo ukuze sonke singaxhumani. Sike siphumule kancane ukukhuluma ngebhola,” kuphetha uMokwena.
Umdlalo womzuliswano wokuqala weligi weSundowns neSwallows obekufanele ube ngoDisemba 27 nyakenye awuzange ubekhona ngemuva kokuthi Izinyoni zingafiknga enkundleni ngenxa yenkinga yemali. Zabe sezigingqelwa, iSundowns yahlomula ngamaphuzu amathathu.