INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ilobizela ukuthi kuqambe kushaya isikhathi sokubuyela emidlalweni yeDStv Premiership abadlali abayizithenjwa zaleli qembu, eliqhwakele kwi-log, babe sebeluleme ngokugcwele noma babe sebesondele kulokho.
Ngenxa yeNdebe yoMhlaba eqhubeka eQatar, iligi yakuleli isekhefini okuyilona uMokwena athi iSundowns ilisebenzisela ukwelapha abadlali abamqoka njengoPeter Shalulile, Terrence Mashego, Abubeker Nasir, Hashim Domingo no-Eerwin Saavedra.
Umshini wamagoli, uShalulile, okuke kwasabalala amahlebezi okuthi akasayizwa eyokudlalela iSundowns, kuphinde kwavela ukuthi uhlinziwe yize kungazange kucaciswe ukuthi ulimele kuphi.
UMashego ufike kwiSundowns esuka kwiCape Town City evele elimele, okuyikhona okumkhiphele ngaphandle nakwiBafana Bafana esanda kudlala eyobungani.
UNasir, ofike kwezwakala esuka e-Ethiopia, naye akadlali ngenxa yokulimala benoSaavedra njengoba noDomingo elimale kabi kwiCarling Black Label Cup.
UMokwena, obekhuluma nethimba labezindaba leSundowns, uveze ukuthi bonke laba badlali bayasondela ekululameni njengoba bona nabanye abahlanganisa uBongani Zungu, Marcelo Allende, Gift Motupa noSipho Mbule bebengayile emaholidini ngenhloso yokuzisondeza nokuthi babe yimiqamane ekupheleni kwenyanga.
ISundowns ibuyela ensimini koweligi ne-Orlando Pirates eLoftus Stadium ngoDisemba 31.
“Besingazi sonke ukuthi yini esingayisebenzisela leli khefu kwazise lisha kithina sonke (akujwayelekile ukuthi iNdebe yoMhlaba idlalwe ngoDisemba), kodwa ngemuva kokuhlanganisa amakhanda siyithimba labaqeqeshi, kuningi esiphume nakho okuzosisiza,” kusho uMokwena.
“Bonke abadlali babuye besesimeni esamukelekile kodwa akuthusi lokho kwiSundowns ngoba sibusiswe ngohlobo lwabadlali abawuhloniphayo umsebenzi wabo.
“Ngabe ngenza iphutha uma ngingalitusi ithimba lodokotela leqembu ngoba nalo belihleli nabadlali abebesele ngesikhathi wonke umuntu eseholidini,” kusho uRhulani oke wabonakala eseQatar nethimba lakhe labaqeqeshi kweminyeni imidlalo yeNdebe yoMhlaba.
“Kuvuleke ithuba kubadlali abamqoka abalimele njengoShalulile, Mashego, Nasir, Saavedra noDomingo ukuthi basondele ekubuyeni.
“Sihlalele ethembeni lokuthi babe sebeluleme kumbe sebesondele kulokho laba badlali uma sesibuyela kwiligi ekupheleni kwenyanga,” kuqhuba yena.
UMokwena uncome nalaba abangalimele kodwa abakhethe ukuqhubeka baziqeqeshe ngesikhathi abanye bevalile.
“Kujabulisile ukubona uZungu, Allende, Motupa noMbule beqoma ukuhlala eChloorkop esikhundleni sokuya emaholidini ngoba bebona ukuthi abekho lapho befuna ukubakhona ngokwemizimba yabo.
“Lokhu kwenza thina njengabaqeqeshi sikhushukelwe umdlandla ngoba akuyona into encane ukuthi abantu basebenzise isikhathi sabo ukusiza iqembu,” kuphetha uMokwena.
ISundowns ihleli esocongweni kwi-log ngamaphuzu awu-28 emidlalweni ewu-12. Ihlukaniswe amaphuzu amahlanu neRichards Bay ebambe indawo yesibili ngemuva kwemidlalo ewu-13.