UHLABEKE umxhwele ngokwenziwe abadlali bakhe abangalijwayele ijezi, uRhulani Mokwena, ngesikhathi iMamelodi Sundowns inweba irekhodi lamawini alandelanayo kwiDStv Premiership.
EzikaMokwena zinqobe umdlalo wazo ka-11 kulandelana selokhu kuqale iligila, ziqumba phansi iCape Town Spurs ngo 3-0, eLoftus Versveld ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mphumela uqinisekile ukuthi iSundowns isahleli ngokunethezeka esicongweni se-log ngamaphuzu angu-33.
Isemuva ngemidlalo emithathu kwiCape Town City elele isibili ngamaphuzu angu-25.
Kulo mdlalo iSundowns ibiphumuze izithenjwa eziningi okufakazelwa ukuthi lo mdlalo uqalwe, uDenis Onyango, Rushine De Reuck, Lebohang Maboe, Abubeker Nasir, Terrence Mashego noSipho Mbule. Izithenjwa ezingoRonwen Williams, Themba Zwane noMarcello Allende, bezingekho ngisho ebhentshini.
UMbule, Grant Kekana noPeter Shalulile, obesuka ebhentshini ibona abaweze iSundowns ngamagoli abawashayile, yavula igebe lamaphuzu angu-12 esicongweni.
UMokwena osezobuyisela isigqoko seCaf Champions League, ubaphumuze kufanele laba badlali kwazise inqola yeSundowns isazolokhu iqhubeke njalo nokushosholoza emiqhudelwaneni eyahlukene.
“Kusemqoka ukuqhakambisa injabulo yami nendlela engizishaya isifuba ngayo ngabadlali abaqale lo mdlalo ngoba bekumqoka ukungasuki emgqigqweni,” kusho uMokwena esithangamini nabezindaba emuva komdlalo.
“Besibhekene neqembu elilwela impilo yalo esigabeni esikhulu ngakho-ke bekumqoka ukuthi wonke umdlali osenkundleni uyakuqonda okubhekwe kuyena.
“Bonke abadlalile namuhla (ngoLwesithathu) kufanele baziqhenye ngabakwenzile futhi bazi ukuthi kusukela namuhla, balandisile ikhanda ebelivele lingiphethe.”
Lo mqeqeshi uyabaqonda ubumqoka bokuqina kwebhentshi ikakhulukazi njengoba bedlala emiqhudelwaneni ehlukene.
“Okwenzeke kulo mdlalo kuphinde kwangikhanyisela ukuthi iSundowns ungayifanisa nomshini osebenza ngendlela ekukhombisa ngokusobala ukuthi uyanakekelwa.
“Bonke abadlali beSundowns bayadingeka okuhlanganisa ngisho nalaba abasafunda isikole.
“Siyiqembu elihlale njalo libanga izicoco eziningi ngakho-ke kusemqoka ukukhunjuzwa abadlali bakho ukuthi bakhona njalo uma ubadinga,” kulandisa yena.
Umdlalo weSundowns olandelayo ungoLwesibili lapho izodudulana nePyramids koka-Group A weChampions League, eCairo.
“Kusemqoka ukuthi siqhubeke nokusebenza. Okuhle nje ukuthi nginenhlanhla yokuqeqesha abadlali abakholelwayo ekutheni impumelelo ihambisana nokuzikhandla.
“Okwenziwe abadlali bami kungikhumbuzile ukuthi mhlawumbe ngibuye ngifune okukhulu kakhulu kubona kodwa ingoba ngiyabathanda futhi ngiyabethemba. Bonke bayazi ukuthi ngibafiselani ngokwahlukana kwabo,” kuphetha uMokwena.