UFUNA bayifune baze bayithole indlela yokubhodloza udonga lwasemuva lweYoung Africans uma la maqembu esetholene phezulu emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeCaf Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena.
Umdlalo uzoqala ngo-8 ebusuku ngoLwesihlanu eLoftus Versfeld, ePitoli. Womabili lamaqembu azobe ebheke ukubhakuzisa inethi njengoba abambana ngo 0-0 emlenzeni wokuqala owawuseBenjamin Mkapa National Stadium, eDar es Salaam ngempelasonto edlule.
Emlenzeni wokuqala womabili amaqembu awathola amathuba kodwa angawasebenzisa. UMokwena ulindele ukuthi iYanga ingahlaseli kakhulu, kodwa ivale emuva bese izama ukubazuma ngejubane.
“Ngicabanga ukuthi ubunzima bomdlalo buzoba lapho. Kufanele sithole izintuba zokungena kodwa akulula uma nidlala neqembu elihleli emuva.
“Sekujwayelekile manje ukuthi amaqembu asebenzise leli qhinga. Okuhle wukuthi sikuhlaziyile lokhu futhi nabadlali bayakuqonda,” kusho uMokwena.
“Ngibuke umdlalo obuphakathi kwePirates neSwallows lapho bekuhlasela khona iqembu elilodwa, elinye livale emuva. Kwenzeke okufanayo nasemdlalweni obuphakathi kwe-Aston Villa neManchester City, nakowethu wakamuva weligi esiwudlale neRichards Bay.
“Ngenhlanhla iYanga inakho ukubuye izame ukuliqala emuva ibhola kodwa asazi ukuthi izokwenza kangakanani lokho. Umehluko emidlalweni yalolu hlobo kuba yizinto ezincane ezingenza ukuthi umdlalo uwunqobe noma ukulahlekele. Kufanele sikulindele lokho.
“Lesi yisifundo esikhulu esitholakala emidlalweni yeCaf Champions League, akufanele ukhululeke kakhulu. Uma ulenza lelo phutha uzithola usobishini. Umnyakazo wabo owodwa osheshayo ungenza bathole igoli bese kushintsha wonke umdlalo. Sifunde lukhulu eminyakeni edlule kulo mqhudelwano, kusho uMokwena.
Yize sekubona nengane encane ukuthi iSundowns iyazenzela kwiligi yasekhaya, iDStv Premiership, osekusele kancane ukuthi ayinqobe okwesikhombisa amasizini elandelana, isanesikweletu sokuphinde iphakamise indebe yeCaf Champions League.
AmaSandawana agcina ukudla lesi sicoco ngo-2016 izintambo zisaphethwe nguPitso Mosimane.
Eminyakeni eyisikhombisa edlule amaBrazilian asephume kuma-quarterfinal alo mqhudelwano amahlanda amane, awashiswa ijezi kowandulela owamanqamu kabili, ahluleka ukudlula esigabeni samaqoqo kanye.
UMokwena uthe umfutho abazowuthola kubalandeli ungenza umehluko omkhulu, ikakhulukazi uma izinto zingasheshi ukubahambela kahle.
“Kusemqoka kakhulu ukuthi singaxhamazeli kulo mdlalo. Yingakho ngakhuluma ngqo nabalandeli ekupheleni komlenze wokuqala ngoba likhulu iqhaza okumele balibambe. Kufanele benze abakwenza sibhekene ne-Al Ahly kwi-AFL (African Football League) ngoba sasingeke sinqobe ngaphandle kwabo.
“Abazange bathule umdlalo uqala waze wayophela. Isigubhu sasilokhu sikhale njalo. Ngiyacabanga ukuthhi uma bephume ngobuningi futhi becula lokho kwenza izitha zingakhululeki.
“Ngisho izinto zingahambi kahle asifuni ukuthi bakhathazeke kanye nathi, kumele kube yibona abasinika umfutho. Kufanele sikugcizelele lokho ngoba ngenye yezinto ezenza abadlali bazinikele ngakho konke enkundleni,” kuqhuba umqeqeshi.
IYoung Africans izobe ilwela ukungena kowandulela owamanqamu eCaf Champions League okokuqala ngqa. Ngesizini edlule yafinyelela kowamanqamu eCaf Confederation Cup, yanqotshwa yi-USM Alger yase-Algeria.