URHULANI Mokwena oyinhloko yabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uvikele umdlali wezakhe, uSipho Mbule kulabo abamumatanisa no-Andile Jali obengabonwa ngoLwesibili emgubheni waleli qembu wokunqoba isicoco seDStv Premiership kwisizini ka-2022/23.
NgoMashi kuvele imibiko ethe laba badlali abayibamba esiswini bafike ejimini eChloorkop bedle amponjwana.
UMokwena ubaphikele walala ngomhlane. Kuvele lezi zinsolo zotshwala kade uJali egcine ukudlala ngoFebhuwari 27 kowe-Last 16 Nedbank Cup. Kwiligi wagcina ngoJanuwari 28.
Ngemuva kwale mibiko akaphindanga wabonakala nasebhentshini lamaBrazilians.
Kusukela ngoJanuwari kube namahlebezi okuthi uzoshiya kuleli qembu kodwa kuze yimanje akucaci ukuthi kuzokwenzekani ngaye.
Okugqamile ukubonakala kaningana kwezithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana, ezingcebelekela nabangani bakhe.
UMike Makaab oyimenenja kaJali uke wakuveza kwiGagasi FM, ukuthi “sekucacile ukuthi uJali akekho ezinhlelweni zeSundowns. Kusobala ukuthi sizogcina sivumelene ngokuyinqamula inkontileka yakhe.”
NgoLwesibili emgubheni weqembu, uJali ubengekho ngesikhathi iqembu lamukeliswa indebe nezindodo yize ikhona imidlalo ayigijimile neqembu.
Kubuzwa uMokwena ngalokhu esithangamini nabezindaba, ushaye ngamafuphi, wathi: "Maduze iqembu lizokhipha impendulo eqondile. Sekuwudaba oluqondene nalo.“
Ebuzwa ngokuba khona kukaMbule kulo mcimbi, uthe: "Iningi lenu belimatanisa laba bobabili. Ngithe uma ngiphikisa le mibiko kwathiwa ngivikela laba badlali. UMbule usanda kuba umdlali wesonto kwiCaf, nokho akekho oke wakhuluma ngalokhu. Ubedume ngezinto ezingezinhle. Kungani namanje engadunyiswa ngokuhle? Abantu bathi ngiyamvikela. Angiphiki vele kungumsebenzi wami. Okubikiwe phambilini bekungamanga.“
UMokwena obefa injabulo ubonge wanconcoza kubadlali, abaphathi, abalandeli, ithimba labaqeqeshi, umndeni wakwaMotsepe, nosihlalo ngokunqoba inkomishi yeligi.
"Ningabavumeli banikhohlise, le nkomishi ibaluleke kakhulu eNingizimu Afrika. Bekuwusuku obelunemizwa exubene nobelunzima. Emini siqale sabeka endaweni yokugcina umalume u-Alex (Shakoane). AmaBrazilians abegijima emithanjeni yakhe yegazi. Bekungakapheli sikhathi esingakanani benomalume uTrot (Moloto) bengichazela ngokubaluleka eqenjini kwesitayela se-Shoe Shine and Piano. Ngiyaziqhenya ngeqembu lami," kuchaza uMokwena (34) oqophe umlando ngokuba umqeqeshi ukunqoba isicoco seligi kuleli.
Lo mqeqeshi ugixabezwe ngezintambo zokuhola iqembu maphakathi no-Okthoba wanyakenye. Kususwe eqhulwini uManqoba Mngqithi wayobekwa emsileni.
UMokwena isicoco seligi usinqobe engakaze ashaywe emidlalweni yeligi ewu-20. Usiphakamise ngo-Ephreli kusasele eyisikhombisa.
Ngaphandle kwezindondo zegolide nomgqomo wenkomisi, iSundowns ihlomule ngesheke lika-R15 million.
Kungokwesithupha isinqoba kulandelana kanti selokhu kwasungulwa iPremier Soccer League, isinqobe izicoco zeligi eziwu-13. Unozinti, uDenis Onyango wase-Uganda ubesinqoba okweshumi isicoco seligi. Kathathu neSuperSport United namahlandla ayisikhombisa neSundowns. Uzakwabo uRonwen Williams naye oke wavimba kwiSuperSport, bekungokokuqala esithola ngemuva kokujoyina iqembu ekuqaleni kwesizini.
UWilliams uphule irekhodi lokungangenelwa amagoli (clean sheets) emidlalweni ewu-18 kwisizini ka-2022/23. Uphule elikaMoeneb Josephs alenza ngo-2009/10 lemidlalo ewu-17 esavimba kwi-Orlando Pirates.
UMokwena nezakhe basasethubeni lokunqoba iCaf Champions League. NgoMgqibelo iSundowns izodlala owomlenze wesibili kowandulela owamanqamu neWydad AC yaseMorocco, eLoftus Versfeld Stadium. Owokuqala waphela ngeqanda ndawo zombili.