UZIBONA eyilungele inselelo yokusiza iqembu libuyele ezingeni eliphezulu futhi akakhathazekile ngokukhonjwa indlela uma izinto zingahambi kahle umqeqeshi omusha weWydad Athletic, uRhulani Mokwena.
Lo mqeqeshi (37) usayine inkontileka yeminyaka emithathu neqembu laseMorocco, ngenyanga edlule emuva kokuhlukana neMamelodi Sundowns.
IWydad ibingelinye lamaqembu ahamba phambili eMorocco, nase-Afrika eminyakeni edlule. Yagcina ukunqoba iligi yasekhaya, iBotola Pro, ngo-2021/22, yaphakamisa indebe yeCaf Champions League ngaleyo sizini.
Ngesizini ka-2022/23 yaqeda endaweni yesibili kuyona yomibili le miqhudelwano. Isizini ka-2023/24 ayihambanga kahle ngoba iqembu lilale endaweni yesithupha kwiligi yasekhaya, lahluleka ukudlulela esigabeni samaqoqo kwiChampions League.
Esithangamini neSouth African Football Journalists’ Association (Safja), uMokwena uthe uthathe umsebenzi azi kamhlophe ukuthi yini elindeleke kuyena, ikakhulu ngabalandeli bokuqina beqembu.
“Leli yiqembu elinabalandeli abahamba phambili emhlabeni. Akushiwo yimina lokho kodwa sebeyiwine kabili indondo yokuba abalandeli abavelele emhlabeni. Ngiyazi ukuthi iqembu lidlule ebunzimeni futhi ngiyabazi ubukhulu bomsebenzi esibhekene nawo,” kusho uMokwena.
“Izingxoxo engibe nazo nomengameli omusha kanye nebhodi elisha zingiqinisekisile ukuthi le yinselelo efanele, yize kuzoba nzima. Amasizini amabili edlule abenzima. Izinhlungu zabalandeli sekungezami futhi namaphupho abo sekungawami. Kufanele ngizame ukujwayela usikompilo lweqembu ukuze ngizame ukulibuyisela endaweni efanele.”
Kusukela ngo-2014 iWydad isishintshe abaqeqeshi amahlandla angu-18 ngaphambi kokuqasha uMokwena. Iningi labo aliwuqedanga nonyaka kuleli qembu kodwa uMokwena uthe ngeke avumele uvalo lokuxoshwa luphazamise umsebenzi okumele awenze.
“Njengomqeqeshi kumele uqhubekele phambili futhi uma ufika eqenjini kufanele ukulungele ukuhamba. Okusemqoka wukushiya abantu neqembu endaweni engcono. Ngicabanga ukuthi ngiyishiye endaweni engcono iSundowns,” usho kanje.
“Lo msebenzi okufanele siwenze udinga isikhathi. Inselelo enkulu wukuguqula imiqondo yabadlali. Iqembu lizuze lukhulu phambilini, lenza izinto ngendlela ehlukile, lidlala ngendlela ehlukile. Uma abaqeqeshi abanjengoPep Guardiola, Jose Mourinho noJurgen Klopp bekwazi ukuxoshwa, ngingubani mina? Linjalo-ke ibhola kubaqeqeshi, bayafika badlule. Angikwazi ukubuswa wuvalo. Engikufisayo wukuba nemizwa emihle ngesikhathi engizosichitha lapha futhi ngenze konke okusemandleni ami.”
IWydad izodlala umdlalo wokuqala weligi ekuhambeni lapho izobhekana khona neneMaghreb de Fes, ngo-Agasti 31.