Stellenbosch FC (2) 3
TS Galaxy FC (1) 1
I-STELLENBOSCH FC ingene igijima kowandulela owamanqamu weMTN 8 kulandela ukunqoba ngo 3-1 i-TS Galaxy emdlalweni we-quarter-final yalo mqhudelwano ngeSonto ntambama, eDanie Craven Stadium, eKapa.
Kulo mdlalo inkundla ivulwe uKamogelo Sebelebele ngegoli ngaphambi kokuthi alinganise uJayden Adams, esiwombeni sokuqala.
Singakapheli esokuqala, iStellenbosch ibisihamba phambili ngo 2-1 ngegoli elinanyathiselwe enethini u-Andre de Jong, ngekhanda.
Umdlalo uphele iGalaxy ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaMcBeth Mahlangu,
Esiwombeni sesibili kube uFawaaz Basadien ovule ngegoli elihle yize belingcwaba iGalaxy kwazise bekungelesithathu leStellies.
Njengoba bekulindekile, imizuzu yokuqala ewu-15, iStellies eqede endaweni yesithathu kwi-log, iyona ebifika kaningana ezintini zeGalaxy kulamule udonga lwayo lwasemuva.
Lokhu kufika kweStellenbosch kufane nento engekho ngomzuzu ka-18, lapho uSebelebele eshaye khona igoli elihle kungalindekile kwazise iqembu lasekhaya ilona ebeliphethe umdlalo.
Akuthathanga isikhathi esingakanani ukuthi iStellies ilinganise ngonyawo luka-Adams ngomzuzu ka-25.
Sesiyela ngasekupheleni isiwombe sokuqala, uDe Jong ubeke iStellies ebuhleni ngengcwenga yegoli alingqofele enethini kade kuyikhona ethathwe uBasadien ngomzuzu ka-41.
Ubungozi bukaSebelebele bebulokhu buvele njalo nakwesesibili isiwombe njengoba ebelokhu eqhamuke neminyakazo ethusayo yeGalaxy.
Konke lokhu kufane neze uBasadien eshaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-57 kulandela umdlalo omnandi wabadlali beStellies basesiswini.
Ukunqoba kweStellies kusho ukuthi iyona ne-Orlando Pirates asebezibekisele indawo kweyandulela owamanqamu.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, ngaphandle kokuhalalisela abadlali bakhe ngokunqoba uyiphawulile eyenkundla engeyinhle ebebedlalela kuyona.
Nokho uzakwabo kwiGalaxy uyena oshiye angalazi ngayo. Ekhuluma kwiSuperSport ngemuva kokuncoma abadlali bakhe, uqhube wathi: “Sililwe nabadlali bami ukuthi sibe yingxenye yeMTN8 ukuze sizibeke ethubeni lokuwela indebe noma siyiwine imali sikwazi engasisiza ukuqinisa iqembu kodwa lokho ukwenza kanjani udlalela enkundleni okungaphuka ngisho inkomo kuyona? Angazi ukuthi iPSL ivuma kanjani ukuthi kudlalelwe enkundleni efana nalena.”
Eqhubeka nokubalisa ngesimo senkundla, uthe iqembu lakhe likulungele ukuqala kwemidlalo yeligi “kodwa kwazi bani mhlawumbe okulandelayo bazosidlalisa -e-swimming pool.”