UMQEQESHI weTS Galaxy, uSead Ramovic, ubona bengeke bakwazi ukunqoba ngisho umdlalo owodwa uma bezoqhubeka nokudlala ibhola alichaze njengeliwudoti bedliwa iRichards Bay kowokuqala weBetway Premiership ngempelasonto edlule.
IThe Rockets iguqe ngo 1-0 emdlalweni obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza. Bekuwumdlalo wesibili ishaywa kwazise isanda kuwashiswa ijezi yiStellenbosch kwi-quarterfinal yeMTN8.
Ngemuva komdlalo, uRamovic ubekhulumela phansi, ebonakala nasebusweni ukuthi udiniwe futhi uphoxekile.
"Ngicabanga ukuthi iqembu beliqala ukudlala kabi ngale ndlela selokhu ngafika kulo. Singene enkundleni sikwazi ukuqina nobuthaka bezitha zethu. Besazi ukuthi zizodlala amabhola amade bese zilinda ukuthola amakhona, amaphenathi nama-free kick. Besikulungele konke lokhu," kuchaza uRamovic ephefumulela phezulu.
Uqhube wathi: "Besenza kancane uma kumele sishintshe ibhola ezinhlangothini nasekuphaselaneni. Besingenalo ijubane, sihluleka nokusheshisa umdlalo ngendlela ebesifuna ngayo. Uma sizoqhubeka nokudlala ngale ndlela maningi amathuba okuthi singanqobi ngisho nowodwa. Kufanele sihlale phansi sibhunge kabanzi ngalokhu. Ngeke ngikuvume lokhu eqenjini lami. Ngithanda ukuxolisa kubalandeli bethu ngaleli bhola eliwumbhedo esilidlalile."
URamovic uphinde wakuvuma ukuthi kubalimazile ukushiywa abadlali abebeyinsika yeqembu lakhe. Nokho ubelokhu emile ekutheni kowangempelasonto edlule abawanyusanga ngokwanele amasokisi.
Kumasizini amabili edlule iGalaxy ihlukane nabadlali abawu-13. Phakathi kwabo kukhona unozinti, uFiacre Ntwari osevimba kwiKaizer Chiefs, Lehlohonolo Mojera osekwiStellenbosch, Pogiso Sanoka osedlala kwiSuperSport United, Samir Nurkovic osanda kushiya, ukusho abambalwa.
"Yebo, kula masizini amabili edlule sishiywe abadlali abawu-12 bezinga eliphezulu. Sibadayisele amaqembu amakhulu akuleli. Lokhu kusho ukuncomeka komsebenzi esiwenzayo. Nakuba kunjalo kodwa siyalimala. Kusiphoqa ukuthi sihlale siqala phansi. Abadlali abasha kumele siqale sibanike isikhathi sokubamba indlela esidlala ngayo,“ kuchaza lo mqeqeshi.
IGalaxy izolandela ngoweSuperSport kwiligi ngoSepthemba 25, eTUT Stadium.