KUVUKE umunyu kowayengumxhumanisi weKaizer Chiefs nabalandeli, uMphuthumi "Putco" Mafani, echaza ngamagalelo ka-Alex "Goldfinger" Shakoane ongasekho ekuphumeleleni kweMamelodi Sundowns.
Izindaba zokudlula emhlabeni kukaShakoane, ziqinisekiswe yiqembu ngeSonto ebusuku. Kuvele ukuthi uhlaselwe isifo sohlangothi, wagcina ngokushona.
UGolfinger eminyakeni edlule ubenza umsebenzi ofanayo nokaMafani. Ushone eneminyaka ewu-67. Bese kufana nasekhaya kuyena kwiSundowns selokhu afika kuyo eminyakeni ewu-53 edlule.
Waqala ukusebenza kuyo isaphethwe nguZola Mahobe, umndeni wakwaTshichlas noPatrice Motsepe oyithenge ngo-2004.
Kulabo osekuphele isikhakhi eside belilandela ibhola lakuleli bazokufakazela ukuthi ubengaconsi phansi ngisho nakubalandeli bamanye amaqembu.
Uma iqembu lakhe lizodlala ubenekhono eliyisimanga lokunxenxa abalandeli bamaBrazilians ukuphuma ngobuningi babo esebenzisa imisakazo, amaphephandaba nomabonakade ngesikhathi kusewumsebenzi wabaxhumanisi ukwenza lokhu.
Nasenkundleni ubegila izimanga eculisa abalandeli bezakhe, ebehayisa nezisho nezaga.
Ngezikhathi zakhe ubeqhudelana nabantu abafana noLouis "Sprinter" Tshakoane owashiyela uMafani izintambo kwiChiefs, abanye abangasekho, nguThabiso Parkies we-Orlando Pirates noJabu Khumalo weFree State Stars ukusho abambalwa.
Isolezwe lithinta uMafani owafika kwiChiefs ngo-1999, udlulise amazwi enduduzo emndenini kaShakoane, owamaBrazilians nakubathandi bebhola kuleli.
Uveze ukuthi abantu kumele bazi ukuthi akuyona imali kuphela eyenze impumelelo kwiSundowns, kunengxenye enkulu futhi ebalulekile efike noShakoane.
"UGoldfinger ubeyiSundowns ezihambela. Angazi noma lokhu bekudalwa wukuthi isungulwe ekhona yini? Nakuba bengingasondelene noTshakoane kakhulu kodwa okuningi ngikufundiswe nguye.
“Okunye kwako ukugxisha emiqondweni yabadlali, abaqeqeshi nakubalandeli, ukuthi sizonqoba noma kanjani emdlalweni esiya kuwona. Namhlanje sikhuluma nje, iSundowns inabalandeli abangaka kungenxa yakhe.
“Uma uzoba nenkulumo-mpikiswano naye emsakazweni noma kumabonakude bekumele ukwazi okushoyo. Uma ubhibhidlile bewuhlekwa impelasonto yonke.
“Usishiye nokuthi kumele umsebenzi onikwe wona uwuthande futhi uwuhloniphe," kubeka uMafani eveza nokuthi akasoze azikhohlwa izinsuku zenjabulo aba nazo noShakoane.
"Ngikhumbula ukuthi ngifika kwiChiefs sadlala neSundowns owamanqamu eBP Top 8. Ngaphambi komdlalo uGoldfinger weza kimina ngenhloso yokuzongisabisa.
“Wangibuza ukuthi ngidume ngani njengoba uTshakoane ubegijima inkundla yonke, ngavele ngangamnaka, ngaqhubeka nokuzidansela. Sagcina sesizwana kakhulu.
"Bekuthi noma kuzoqhathwa amaqembu noma siye kwisithangami sabezindaba, athi angihlale eduze kwakhe bese athi ngiyabona yini ukuthi kugcwele amavukana amaqembu, angenze isiqiniseko sokuthi angimtomuli. Ufuna siqale ngokushaya amavukana, bese thina sizohlangana kowamanqamu. Akahambe ngokuthula umfwethu, uyibekile induku ebandla.“
Izolo ayiphumelelanga imizamo yokuthola abeSundowns ukuzwa ngamalungiselelo okufihla uShakoane neyenkonzo yesikhumbuzo. Kodwa ngesikhathi enye yezinkakha zeSundowns esebenza eqenjini, uDaniel Mudau, ekhuluma kwiNewzroom Afrika ngoMsombuluko, ithe uzofihlwa ngoLwesibili oluzayo, bekungakacaci ngenkonzo yesikhumbuzo.